UKHOZI FM sekuvele ukuthi kungesikhathi singakanani lumise uBheka Mchunu noNgizwe Mchunu sekulandele uSandile Mdlalose oyiTechinical Producer .
UMdlalose uyiTechnical Producer yezinhlelo Isithakela Isizwe, uhlelo lukamaskandi ngoMgqibelo iS'giya Ngengoma nolomculo opholile lwangeSonto, Ezingasoze Zabuna. Sekuphele amasonto amabili engekho emsebenzini kanti icala lakhe kuthiwa libucayi ngoba lithinta ukukhwabanisa izikhangiso.
Umthombo uthe usolwa nangokufaka umculo wakhe kwiS'giya Ngengoma, okuwuhlelo adume kakhulu ngalo njengoba enokuzwakala ekhuluma.
UMdlalose ukuchithile ukuthi umisiwe wathi uyasebenza.
"Okufonelile akaphinde akutshele kahle ngoba ngiyasebenza. Kuyimanje ngingena emsebenzini," kusho uMdlalose ethintwa ngalolu daba.
FUNDA: UBeekay umiselwe ukuphawula ngoMr Magic
Okuyindida ngokumiswa kwakhe kuvela ukuthi (ngokomthombo) akayitholanga incwadi emcacisela ngokumiswa kwakhe, kuthiwa waziswa ngomlomo kuphela. Ngakolunye uhlangothi kuthi uNgizwe umiselwe ukupotshozela abezindaba izindaba zomsakazo okubikwa ukuthi yicala alenza nyakenye.
UNgizwe umiswa oKhozini nje uvele igama lakhe alisekho ohlwini lwabasakazi abaphambili kulesi siteshi kulandela ukufakwa kwakhe ohlelweni olungena ngo-2 kuya ku-4 ezintatha.
-