ISIBALO esiphansi sezicelo zesibonelelo sabaziphilisa ngezemidlalo KwaZulu-Natal, iKwaZulu-Natal Provincial Relief Fund, esixhaswe nguMnyango wezeMidlalo nokuNgcebeleka esifunazweni, sekuphoqe lo mnyango ukuthi uselule isikahthi sokufaka izicelo.
Izicelo bezigcina ukwamukelwa ngoLwesihlanu kodwa usuhlehliselwe kuLwesihlanu, Juni 5 ujuqu.
"Ngenxa yecoronavirus iningi labantu alikwazi ukuhambela amahhovisi ethu nawezinhlangano zezemidlalo eziqondene nabo ukuyofaka izicelo,"kusho uNgqongqoshe wezeMidlalo, ubuCiko , amaSiko nokuNgcebeleka uHlengiwe Mavimbela.
"Sikholwa wukuthi ukuxegiswa kwemigomo kathaqa esigabeni sesithathu ngoMsombuluko kuzonikeza abathintekayo, ikakhulu labo basemakhaya, ithuba lokuthola amaphepha adingekayo ukuthi bafake izicelo. Sikhuthaza bonke abathintekayo ukuthi bafake izicelo zesibonelelo."
Ngokwesitatimende esithunyelwe ngumnyango, zibalelwa ku-400 izicelo ebesezingenile ngoLwesihlanu, iningi lazo elithunyelwe ngobuchwephese besimanje.
Okwenza umnyango ubone zingaphansi kwalezi obuzilindele, wukuthi ubeke u-R7 million oqondene nalolu hlelo.
Abantu okumele bafake izicelo abadlali, abaqeqeshi, yizimenenja, ngabanye osomaqhinga nongoti bezokulolongwa kwemizimba bonke abazithola bekhahlanyezwe wukumiswa nokuhoxiswa kwezemidlalo ngenxa yokubheduka kwecoronavirus.
Okuzophasa izicelo zabo yilabo abangakaze bathole lutho esikhwameni esifanayo somnyango wezemidllao kuzwelonke kanti kufanele baphinde banikeze nobufakazi bokulahlekelwa "yisinkwa".
Ngokusho komyango, izicelo zizonikezelwa ngokwahlulelwa ngabahluleli abazimele nokuyithimba okuthiwa lizobe liholwa nguMengameli weKZN Sport Confederation uThami Mchunu.