AMAQEMBU amele isifundazwe iKwaZulu-Natal kwiTelkom Netball League, iKingdom Stars neKingdom Queens, azoba yingxenye yalawo azovula inkundla nejngoba lo mqhudelwano uzoqala e-Ellis Park Arena, eGoli, ngoLwesihlanu.
Womabili azobe egijima esigabeni sesibili kule sizini kwazise iStars, ebesigijima kwesiphezulu ngesizini edlule, igawulwe yizembe.
IStars bayifikise kule sigaba ngokuyidlalisa emdlalweni wokuqala ozoqala ngo-8 ekuseni lapho izobhekana neqembu elisha eliqhamuka eNorth West, iTshukudu.
IKingdom Queens izodlala kolandelayo ozoqala ngo-10, lapho izodudulana neMpumalanga Sunbirds.
Ukaputeni weStars, uNozipho Ntshangase, uthe akubethusi ukudlala kuqala futhi bahlose ukuwuvula ngegiya eliphezulu lo mqhudelwano.
“Sisebenze kanzima ezinsukwini ezedlule ekhempini lapho umqeqeshi ebezama khona amaqhinga ehlukene. Sidlale nemidlalo yokungcweka neQueens neqembu labesilisa, lapho bese siqinisa khona amalungiselelo ethu. Ngicabanga ukuthi sikulungele ukungena enkundleni,” kusho uNtshangase.
“Sifike kahle eGoli nokusinike ithuba lokuzilolonga ngaphambi kokuthi kuqale umqhudelwano ukuze sizame ukujwayela umoya wakhona, ohlukile kunowasekhaya.
“Siwubheke ngabomvu lo mdlalo wokuvula. Yize imidlalo ibaluleke yonke kodwa kusemqoka ukuthi siwuqale kahle umqhudelwano. Sizilungiselele ngokomqondo ukuthi sesidlala esigabeni sesibili manje kodwa kufanele sikhombise enkundleni ukuthi inhloso yethu ukubuyela kwesiphezulu.”
NgoMgqibelo, iStars izobuyela enkundleni iyodudulana neWestern Cape Tornados ngo-4 ntambama. IQueens izophumula ize ibuye ngeSonto ngo-8 ekuseni, ukuzobhekana ne-Eastern Cape Comets.