KUVELA ukuthi angase athushuke kuMaZulu FC, uRamahlwe " Rama" Mphahlele osanda kukhonjwa indlela yiKaizer Chiefs.
Isolezwe ngeSonto lihoshe ukuthi bekumele ukuthi uSandile Zungu ongumnikazi woSuthu, asethule ngokusemthethweni ezinsukwini ezedlule lesi sitobha esiyibamba phakathi nendawo nakwesokudla odongeni lwasemuva.
Kuthiwa kubambezele izinto ezimbalwa. Ngokusho komthombo uMphahlele ubengesinye sezitatanyiswa emshadweni kaZungu obungempelasonto edlule.
Omunye obekhona nguGeorge Maluleka, ogcine esayiniswe uSuthu inkontileka yamasizini amabili nombandela wokuvuselela ngonyaka.
"Akadlali uZungu kule sizini uyasayinisa. Empeleni kumele ukube uMphahlele umethule ngokusemthethweni kanye noMaluleka. Yizinto ezincane ezibambezelile,“ kusho umthombo weSolezwe ngeSonto.
“UMphahlele ubengesinye sezicukuthwane emshadweni kaZungu. Ubehambisana naye uMaluleka. Uma konke kuhamba ngononina ngesonto elizayo uMphahlele uzobe eyingxenye yeqembu uma seliya ekhempini, eLimpopo.”
Kubuyelwa kuZungu ngalokhu, ugcine engatholakalanga ocingweni kanti kunomoya wokuthi usayoshaywa ngumoya eholidini labashadikazi, ihoneymoon.
Kuthintwa uBrilliant Mkhathini okhulumeka uSuthu, uthe: "Ngiqala ngawe ukuzwa ukuthi sizosayinisa uMphahlele. Mhlawumbe abaphathi beqembu basazongazisa.“
Ngokuqhuba komthombo, nokuba eMphahlele aziwa ngokudlala maphakathi nakwesokudla emuva kodwa uzosetshenziswa nakwezinye izindawo.
Ngesikhathi uZungu azisa leli phephandaba ngokusayinisa uMaluleka ukuvezile kulo ukuthi kunomdlali okusele kancane bamusayinise. Nokho wenqabile ukudalula igama lakhe.
Uma kungukuthi uMphahlela ugcina ngokuwajoyina AmaZulu uzoba ngumdlali weshumi ukusayiniswa ngaphambi kwesizini ka-2022/2023.
Abanye nguMaluleka, Dumisani Zuma, Augastine Kwem, Gabadinho Mhango, Thendo Mukumela, Veluyeke Zulu, Riaan Hanamub, Ethan Brooks, noRally Bwalya.
UMphahlele, osedlale emaqenjini afana neMoroka Swallows, University of Pretoria neMamelodi Sundowns eminyakeni edlule, usale engenaqembu Amakhosi eoma ukungayivuseleli inkontileka yakhe ebiphela noJuni.
Ufike kwiChiefs ngesizini ka-2016/17 ephuma kwiSundowns.
Kumasizini ayisithupha esePhefeni udlale imidlalo ewu-127.
Ngesizini edlule lesi sitobha esike saliphatha ibhande kwiChiefs, sigijime imidlalo yeligi ewu-15.