KUGCINE kuyilungele iKaizer Chiefs ngomdlali waseMadagascar u-Andriamirado "Dax" Andrianarimanana ebihluleka ukumbhalisa ngokugcwele kwiPremier Soccer League (PSL) kwazise iqembu lakhe elidala, iFosa Juniors, belishaya amakhala.
Leli qembu laseMadagascar belisola iChiefs ngokumtshontsha lo mdlali kodwa sekugcine kulungile kuGiovanni Solinas kulandela ukungenelela kweFifa.
Obekwenza kube nokungaboni ngasolinye naleli qembu laseMadagascar ukuthi belifuna inkokhelo kanti iChiefs yazi ukuthi izitholele umdlali obengenayo inkontileka kwazise ubengadlali eligini ekhokhelayo.
UDax ubezisholo yena ukuthi akanankontileka neFosa Juniors kodwa leli qembu elidlala kwiMalagasy FA belimphikisa lisola iChiefs ngokweba. Lokhu kuphoqe iChiefs ukuba iludlulisele kwiFifa lolu daba kwazise iFosa ibingafuni ngisho ukudedela amaphepha abedingeka ukuze abhaliswe kwiPSL.
Usenesikhathi esayinile kwiChiefs uDax kodwa sesizoba sincane isikhathi abalandeli baleli qembu abazosilinda ngaphambi kokuthi bambone lo mdlali onegama nesibongo okuzoba yinkinga kwabaningi ukukuphimisa. IFifa ivune iChiefs ukuba ingambhalisa lo mdlali oneminyaka engu-27.