KUGQAME ukuzishaya kwakhe isifuba ngakho konke okuhle ekwenzele iFree State Stars umqeqeshi waseBelgium, uLuc Eymael, obephawula ngokugencwa yizembe kwaleli qembu okube ilona elokugcina ukulilolonga kwi-Absa Premiership.
U-Eymael okumanje usebenza e-Egypt ushiye izitha eziningi ebholeni laseNingizimu Afrika ngenxa yezinto eziphuma emlonyeni wakhe. Phakathi kwezitha azakhele zona kuleli eqhulwini kukhona uNikola Kavazovic okunguyena obeshayela umkhumbi weFree State ngesikhathi uzika.
Omunye umqeqeshi osanda kuvela ukuthi ukuthi akamuzwa kahle * -Eymael, uSteve Komphela weLamontville Golden Arrows osanda kuchaza * -Eymael njengendoda engenamthetho futhi enalokhu kuzithwala okuze kweqe kufike ebulimeni.
U-Eymael uthumele umyalezo wenduduzo kubathandi, abadlali nabaphathi beFree State ngemuva kokuwela kwayo kwiNational First Division (NFD) ngosuku lokugcina ishaywa iMamelodi Sundowns eGoble Park. Nakuba ebekwenza lokhu ngenhloso yokukhombisa ukuzwelana nabeFree State, indlela adume ngayo kuleli ivele yagqamisa kakhulu ukuzithwala kwakhe esikhundleni sokuzwelana nabantu athi ubathatha njengomndeni.
“Kusukela ngithole umyalezo omubi wokugencwa yizembe kweFree State inhliziyo yami ayikaze iphumule. Ngize ngathinta abanye abadlali ngifuna ukuqinisekisa ngoba bengingakholwa. Kubi lokhu ngoba ezinyangeni eziwu-12 ezedlule besiqukula indebe yeFree State yokuqala eminyakeni ewu-24. Ezinyangeni eziyishumi besiqukula enye inkomishi nalo leli qembu,” usho kanje ecacisa ukuthi le ndebe yesibili eyeKe Yona.
“Kubi lokhu ngoba kwiFree State ngifike ngashiya umlando ngiyifaka okokuqala emidlalweni yeCAF. Yebo akuhambanga kahle kodwa le sizini yonke nje. Ngesikhathi ngilishiya iqembu belisendaweni yesishiyagalombili njengoba seligencwa yizembe manje. Sonke sibuhlungu.
Ngibafisela konke okuhle nokuthi basheshe babuyele esigabeni esikuhlu. Bayohlale njalo bewumndeni wami. Ngisho izimpahla enginazo zeFree State ngizozigcina ngoba bayiqembu eliyohlale lisenhliziyweni yami,” usho kanje * -Eymael eveza nokuthi ubesewuthumele umyalezo kuRantsi Mokoena (oyisikhulu) kodwa impendulo ubengakayitholi.
U-Eymael ukhuluma kanjena nje, uKavazovic usanda kutshela leli phephandaba ukuthi imbangela enkulu yezinkinga zeFree State yilo mqeqeshi.
“Bekungeke kube lula ukuvika izembe ngoba umonokalao engiwufice eqenjini uyesabeka. Umqeqeshi odlule (Eymael) ubeshiye izinto ezone zonke,” kusho uKavazovic.
“Kufanele afunde ukuba nomthetho * -Eymael. Akahloniphi muntu. Abamqashile, imisebenzi yabantu nabantu uqobo akahloniphi ngale ndlela ekweqayo ukuzithwala kuze kukapakele ebuphukuphukwini,” kusho uKomphela mayelana nesikhathi ayefuna umsebenzi wakhe esidlangalaleli (uSteve) esapheka iKaizer Chiefs.