YIZE esehlale isikhathi eside eqiwa yijezi kwiKaizer Chiefs, umdlali wasemuva uSiyabonga Ngezana ubona esazolithola ithuba lokudlala ngaphansi komqeqeshi u-Ernst Middendorp.
UNgezana unyuselwe eqenjini elikhulu ekuqaleni kwesizini ka-2016/17 kodwa wanganikezwa ithuba lokudlala njengoba Amakhosi aqeda isizini ehleli kwinombolo yesine kwiligi.
Izinto zigaye ngomunye umhlathi sekuzophela isizini ka-2016/17, uNgezana ulitholile ijezi njengoba egcine esedlale imidlalo engu-15 kuyona yonke imiqhudelwano eqenjini elaliqeqeshwa uSteve Komphela.
Ukushintshashintsha abaqeqeshi kweChiefs kwenze izinto zambhedela lomdlali njengoba edlale imidlalo engu-12 ngaphansi kobuholi bukaGiovanni Solinas no-Ernst Middendorp.
Ngaphansi kukaSolinas, ubedlala aphinde akhishwe eqenjini njengoba bekubonakala ukuthi lomqeqeshi akanaso isikimu asithembayo.
UNgezana ujime ngokugcwele ngesikhathi kusavalwe iligi njengoba efuna ukuzifaka ezinhlelweni zikaMiddendorp, odlalisa uDaniel Cardoso no-Erick Mathoho odongeni lasemuva selokhu kuqale isizini.
Akubukeki esihlalweni zikaMiddendorp uNgezana njengoba esafakwe kanye ohlwini lwabadlali abangu-18 abazodlala.
IChiefs iphinde yathenga umdlali wasemuva uYagan Sasman kwi-Ajax Cape Town, okwenza uNgezana kubukeke engasenandawo kwiChiefs.
UNgezana (22) akazimisele ukulahla ithawula kalula. “Izinto azihambi kahle okwamanje, ngeke ngikwazi ukubalekela lokho. Kodwa ngisalinde ithuba lokudlala. Ngizimisele ukudlala ngoba ngiziqeqeshe neqembu ngasekuqaleni kwesizini, ngisalinde isikhathi futhi sizofika,” kusho uNgezana.
IChiefs iqhwakele kwiPremiership ngamaphuzu alishumi, okuzokwenza kube nzima ukuthi uMiddendorp ashintshe isikimu.
UNgezana uthi ugqugquzelwa ukubona indlela uMathoho abuye ngayo ezingeni lakhe njengoba ehlale isikhathi eside ngesizini edlule elimele.
“UMathoho ngimkhonzile, kudala kwase ngibukela kuye. Kusukela ngisadlala emaqenjini amancane, bengibukela kuye. Kuyisibusiso ukuthi sengidlala naye. Kuyangikhuthaza ukumbona esebuyile eqenjini, kuchaza uNgezana.
Yize izinto zingahambi kahle kwiChiefs, uNgezane ubeyingxenye yeqembu elibhudluze iZimbabwe ngo 5-0 emidlalweni yemilenze emibili, lizibekisela indawo kwi-under 23 CAF Eight Nations. Uma iNingizimu Afrika iphuma emaqenjini amathathu azokwenza kahle kule ndebe, izozibekisela indawo kuma-2020 Tokyo Olympic Games.