UMPHAKO awunikwa yimenenja yakhe yiwo inkakha kanobhutshuzwayo uSiyabonga "Bhele" Nomvete awubeka eqhulwini lezinto ezimenza abalwe nezingwazi ezidlale isikhathi eside ngempumelelo ebholeni elikhokhelayo.
UNomvete obekhuluma esithangamini nabezindaba eMoses Mabhida Stadium, eThekwini lapho ememezele khona ukuthi usewagaxa emgibeni ekupheleni kwesizini.
"Yisizini yami yokugcina le. Ngisuka kude kakhulu,"kusho le ngwazi, abalwa nezilomo ezinjengoGianluigi Buffon, John "Shoes" Moshoeu, Roger Milla nabanye abadlale bafika eminyaka engu-40 ubudala.
"Okokuqala ngithanda ukubonga umndeni wami, AmaZulu, iProSport International nabadlali baMaZulu.
"Yisizini yami yokugcina manje. Ngilujabulele kakhulu uhambo lwami. Angikaze ngicabange ukuthi ngizodlala iminyaka engu-24 yonke empileni yami yokudlala ibhola."
"Imenenja yami (uMike Maaab) yangifundisa okuningi njengokonga imali nokuthatha ibhola njengebhizinisi.
"Selokhu kwathi nhlo, ibhola ngilithatha njengebhizinisi. Abadlali abasebancane kufanele bazi ukuthi ukhiye ebholeni wuthando."
UNomvete waKwaMashu,uthe ngeke alukhohlwe usuku lwayizolo.
"Ngeke ngilukhohlwe usuku lwanamuhla. Ngiphatheke kahle eqenjini. Ngisazoqhubeka nokuba yingxenye yeqembu (AmaZulu) ngisho sengiyekile ukudlala. Ngifisa ukuba yisibonelo kubadlali abasebancane,"kusho uNomvete.
Le nsephe iyahluleka ukuqoka njengento enkulu ukuzedlula zonke izinto ehlabane ngazo.