ULOBIZELA ukunikwa ithuba esikwatini seBafana Bafana umdlali weKaizer Chiefs uKearyan Baccus ongaconsi phansi kubalandeli baleli qembu elizihola phambili kwi-Absa Premiership.
UBaccus (28) uzalelwe eThekwini kodwa ubesezinze e-Australia eminyakeni edlule njengoba ebegijima kwiMelbourne City edlala esigabeni sebhola esiphezulu kuleliya lizwe. Lomdlali useshaye igoli elilodwa waphinde waphasela ozakwabo amabhola amabili aholele kumagoli selokhu kuqale lesizini.
Ngesonto eledlule, uBuccus uveze ukuthi angakujabulela ukudlalela iBafana eminyakeni ezayo yize esenaso isifiso sokudlubha imibala ye-Australia.
“Anginayo inkinga. Engikufisa kakhulu ukuthi ngidlale kahle kwiChiefs, emuva kwalokho sizobona ukuthi kwenzakalani. Inhliziyo yami iseqenjini le-Australia kodwa eqinisweni, uma iNingizimu Africa inginikeza ithuba, ngizolibhekisisa,"kuchaza uBaccus.
Lenkulumo ifikile ezindlebeni zomqeqeshi weBafana uMolefi Ntseki, oveze ukuthi angamnikeza uBaccus ithuba uma efuna ukudlalela iqembu.
“Ngesonto eledlule, ngitshelwe ngomdlali weChiefs ongakwazi ukudlalela iNingizimu Africa, ngokunjalo sesiqalile ukumqapha nokumhlola. Uma simfaka esikwatini, kumele siqonde ukuthi yini azofika nayo ezophakamisa iqembu. Usanda kuqala kwiChiefs futhi basadlala kahle okwamanje, okuyilapho obona khona izinga labadlali kuleli qembu. Ukuwina kunyusa ukuzethemba kubo, okuyinto esiyibona kwiChiefs. Sizoqhubeka nokumhlola njengabanye abadlali esibona bengakwazi ukuphakamisa iqembu. Kube yinto enhle ukuthi aphakamise isandla aziveze ukuthi ukulungele ukudlalela izwe uma eqokwa,” kuchaza uNtseki esithangamini nabezindaba ngoMsombuluko.