UZAKWABO kaWayne Sandilands, kwi-Orlando Pirates, uyihlaba uyayihlikiza eyokukhomba umunwe kulo nozinti ngegoli elibangenele ngesikhathi begcina bebambene ngo 1-1 neHighlands Park emdlalweni we-Absa Premiership ngempelasonto.
UXola Mlambo obe ngumdlali ovelele kulo mdlalo e-Orlando Stadium ngoMgqibelo ebusuku, uthe “iphutha” akusilona elikaSandilands kodwa balithatha bonke beyiqembu.
USandilands oqokwe waba ngunozinti ovelele ngesizini edlule kweZimnyama, uhluleke ukucima ibhola abeliphaselwe uzakwabo odlale ibhola ebhokisini, laputshuka layongena enethini. IPirates igcine ikwazile ukuthola igoli lokulinganisa esiwombeni sesibili okube yiphenathi eshaywe uJustin Shonga.
USandilands uvelelwa yilesi sehlo, ngesizini edlule uphendulwe impuphu uHlompho Kekana weMamelodi Sundowns emshayela igoli alidonsa esenkabeni yenkundla.
“Bekungelula (ngesikhathi bengenelwe igoli). UWayne umfowethu. Iphutha akulona elakhe kodwa eleqembu. Yithina sonke esingenelwe igoli. Okuhle wukuthi siqhubekile nokudlala ngendlela ebesihlele ngayo, sakha iminyakazo isuka emuva.
“Okwenzeke kuye bekungenzeka kimi, kuthathwe ibhola kugcine kungene igoli,” kusho uMlambo.
UMlambo uthe bekungelula ukudlala neHighalands ngenxa yokuhlala emuva kwaleli qembu lika-Owen Da Gama.
“Umdlalo wethu wokuqala wesizini, besifuna ukuwunqoba kodwa bekungelula ukubhekana neqembu elihlala emuva. Ngenhlanhla ke sikwazile ukulinganisa yize lona bekungesiwona umphumela ebesiwufuna. Kwesinye isikhathi ibhola alinabo ubulungiswa ngoba besifanelwe wukunqoba ngenxa yendlela esidlale ngayo.”
Umqeqeshi wePirates uMilutin “Micho” Sredojevic, uthe yize bekukhona abalandeli abathathe ngemizwa, befuna ukuthi uSandilands akhishwe kodwa bekusemqoka ukuvikela unozinti wabo.
“Into yokuqala esiyishilo egunjini lokushintshela wukunxusa bonke abadlali ukuthi bameseke uWayne Sandilands singaze senze izinguquko ebesingazihlelile. Bamvikele ngayo yonke indlela. Okumehlele angikufiseli ngisho isitha sami sokugcina,” kusho uSredojevic.
Uxolisile kubalandeli ngokuthola iphuzu.
“Siyaxolisa kubalandeli ngokwenzekile, ikakhulukazi njengoba bese kunesikhathi ukubabona bebaningi kangaka e-Orlando Stadium. Kodwa ngoba lona umjaho wemidlalo ewu-30, sizowalungisa amaphutha. Basazobona iqembu elizobalethela ibhola nemiphumela okuzobagculisa,” kusho uMicho.
Emdlalweni olandelayo iPirates izovakashela iChippa United ngoLwesithathu eNelson Mandela Bay Stadium ngo-7.30 ebusuku.