KENNEDY MWEENE
UQWEQWE lukanozinti waseZambia, uKennedy Mweene kalunawo umona ngakho konke okuhle okwenziwa unozinti wase-Uganda, uDenis Onyango obuyele kwiMamelodi Sundowns ngo-2011 kade ebolekiswe kwiMpumalanga Black Aces.

Ngesikhathi esayiniswa iSundowns, u-Onyango ongukaputeni ozobe ehola i-Uganda kwi-Africa Cup of Nations (Afcon) ese-Egypt emasontweni ambalwa ezayo, ubelizwa ngendaba ijezi kuvimba uMweene naye oseke wadla i-Afcon neZambia ngo-2012.

Kusukela ebuyele kwiSundowns, u-Onyango oseqokwe kabili kulandelaba ekubeni umdlali ongcono kunabo bonke e-Afrika kwabadlala kuleli zwekazi. Useke wanqoba neCaf Champions League. Kulokhu kukhona nokudlala kwiFifa Club World Cup.

UMweene abaningi asebeqala ukumkhohlwa ukuthi ukhona kwiSundowns uke wayithola imidlalo kule sizini. Njalo uma enikwe ithuba ulibamba ngazo zombili.

“Ngidalwe ngaleyo ndlela (nginesineke kukona konke). Ngiyakwazi ukulinda ithuba lami, ikakhulukazi uma ngibona vele ukuthi lo muntu odlalayo endaweni yami uwenza ngendlela efanele umsebenzi. Okungaphezulu kwalokhu ukuthi ngenhlanhla ngikhuhliswa ibhentshi wumdlali engimbona nsuku zonke ukuthi ukusebenza yinto esegazini kuyena. Ngiyamjabulela njengoba ephinde waqokelwa kwesokuba unozinti ovelele. Konke kumfanele ngoba usebenza ngokukhulu ukuzimisela,” usho kanje uMweene ebuzwa ngombango wejezi phakathi kwakhe no-Onyango.

Mayelana nesizini uMweene uyavuma ukuthi bekungelula ngoba bayiqembu elikholelwa ekusebenzeni njengomndeni, okuningi kuyenzeka.

“Bekungelula impela kule sizini. Bekungathi kunzima kunalawa amanye amasizini. Enye into esinike inkinga ukudlala kumaChampions League amabili ngesizini eyodwa.

Angikaze nokho ngikungabaze ukuthi sinawo amava okuvikela isicoco sethu. Ithimba lethu labaqeqeshi nabadlali esinabo sebekujwayele ukuminyana kwemidlalo. Lokhu kusisize kakhulu kule sizini kwazise izingqinamba bezithanda ukuba ningana kunalokhu esikujwayele,” kusho uMweene.