UNOZINTI waMaZulu FC uSiyabonga Mbatha uphika imibiko ethi umqeqeshi ayesebenzisana naye eminyakeni edlule kwiThanda Royal Zulu, uThami Ngubane, ubegwazisa abadlali ngenhloso yokuthi bathole isikimu.
Leli phephandaba lishicelele udaba ngoNgubane, oke wacija iThanda, African Warrriors, Royal Eagles eminyakeni edlule, nalapho lo mqeqeshi ebeyichitha khona le mibiko emasontweni amabili edlule. UNgubane utshele Isolezwe ukuthi usola abathile abanomona abafuna angaqasheki, abona igama lakhe ngale mibiko ayibize ngamampunge.
Phakathi kwabadlali uNgubane asebenzisane nabo * -Innocent Maela osedlalela i-Orlando Pirates, noMbatha ogijimela Usuthu, ukusho nje abambalwa.
UMbatha woSuthu ungumdlali wokuqala ukuphumela obala ngalezi zinsolo ezibhekiswe kuNgubane asebenza naye kwi-African Warriors nakwiThanda eminyakeni edlule.
Ngokusho kukaMbatha, abadlali abathi babegwaza kuNgubane, abaphumele obala baveze nobufakazi.
“Ngamanga aluhlaza lawo ashiwo ngomqeqeshi uNgubane. Ngisebenzisane naye iminyaka eminingi angikwazi mina lokho. Umdlali othi wake wagwaza kuNgubane akaphumele obala phela, alethe nobufakazi,” usho kanje uMbatha.
Phakathi kokunye okwakushicilelwe yileli phephandaba ngesikhathi lixoxa noNgubane esekhaya lakhe eMandeni, udaba lwebhuku lapho khona uNgubane ethi abadlali babefaka khona imali (beyibeka), ngenhloso yokuthi nxa kunezimo eziphuthumayo noma beya emakhaya kube khona abahamba nakho.
UMbatha ulivumile naye ibhuku, wathi lalikhona impela futhi libasiza njengabadlali.
“Yebo likhona ibhuku esasifaka kulona izimali zethu. Laliphethwe uyena umqeqeshi wethu (uNgubane) ngaleso sikhathi. Kulelo bhuku wawufaka imali onayo, bese kuthi uma usuya ekhaya, uthathe imali yakho oyibekile bajabule nasekhaya uma ufika. Bekungekhona nje ukuthi uNgubane ungumqeqeshi kodwa ubenendaba nokuthi uma ufika ekhaya uzofika uphetheni. Ubengubaba kithina, sikwazi nokukhuluma naye ngezimpilo zethu zangasese. Udaba olwabhalwa yileli phephandaba ngalufunda, kungakho ngithi uma ekhona umdlali akeze kwabezindaba aveze ubufakazi anabo bokuthi wagwaza kuNgubane,” kuchaza uMbatha osayine kwiThanda ngesizini ka-2015/2016.
Lo nozinti kubhekeke ukuthi alwele ijezi kuMaZulu kule szini njengoba ukufika kukaMoeneeb Josephse kushubise umbango ezintini. Usuthu luzobhekana neKaizer Chiefs emdlalweni we-Absa Premiership olandelayo eFNB Stadium ngoSepthemba 22.