ISIQONGQWANE sesitobha kwiFree State Stars uMakhehleni Makhaula kuthiwa maningi amaqembu asibhekile kwi-Absa Premiership njengoba sizophelelwa yinkontileka ne-Ea Lla Koto ngoJuni wangonyaka ozayo.
UMakhaula usezakhele igama kubathandi bakanobhutshuzwayo eNingizimu Afrika ngokumaka okungasukumi phansi, ukungancengi izitha nxa efuna ibhola nokuvimba kwasani emuva kwiStars.
Umdlali weKaizer Chiefs uJoseph “Tight” Molangoane ungufakazi walokhu, njengoba batholana phezulu wasala enkundleni uMolangoane emdlalweni we-Absa Premiership abawudlala neStars ngoSepthemba 18.
Izindaba ezinhle ezokuthi noma aphuka uMolangoane kodwa uMakhaula waxolisa ngokwenzeka esho nokusho ukuthi izinto ezenzekayo lezi ebholeni. Izindaba ezinhle ukuthi uMolangoane useqalile ukuziqeqesha ngayedwana ngemuva kokuhlinzwa.
Ngokusho komthombo weSolezwe osondelele neStars, uMakhaula uyindoda efunekayo emaqenjini aseGauteng, kanti ne-Ea Lla Koto ayizibekile phansi njengoba nayo kuthiwa imnunusela ngenkontileka entsha.
“Amaqembu athanda ukuzinikela kwakhe, kanti futhi ungumdlali oqine satshe kunzima ukuzenzela umathanda. Uzokhumbula ukuthi uyiphini likakaputeni kwiStars, okusho ukuthi abadlali bayamhlonipha futhi bayamlalela, ngakho uyisibonelo esihle. Okwenza amaqembu amlandele kakhulu ukuthi uzohamba mahhala kwiStars uma kuphela isizini, ngenxa yokuthi iyaphela inkontileka yakhe ngoJuni wangonyaka ozayo,” usho kanje lo mthombo.
Umqeqeshi weStars uLuc Eymael akananazi ngegama likaMakhaula uma ebophela isikimu sakhe, njengoba esedlale cisho yonke imidlalo selokhu kuqale isizini.
Imenenja kaMakhaula uSizwe Ntshangase ayizange iphumele obala ngekusasa likaMakhaula nakuba amahlebezi eseqalile okuthi uyafuneka eGauteng.
“Okubalulekile okufanele sikuqonde njengamanje ukuthi uMakhaula unenkontileka neStars. Ngingalisho ligcwale umlomo elithi izingxoxo neStars seziqalile ngekusasa lakhe, nakuba zingakafiki kuvuthondaba. Noma ngabe akhona amanye amaqembu amfunayo kodwa okwamanje sizolalela kuqala iStars ukuthi ngabe imphatheleni umdlali, uma kuwukuthi akulungi hleze sesiyobhekake kwamanye amaqembu ukuthi athini,” usho kanje uNtshangase.