IBAROKA FC iyisibonelo esihle sokuthi uma ukholelwa entweni ethile, igcina yenzekile akukhathalekile ukuthi bewubukelwa phansi kanjani.
Leli qembu laseLimpopo lephule izinhliziyo zabalandeli be-Orlando Pirates liyiqumba phansi emdlalweni wamanqamu weTelkom Knockout (TKO) eNelson Mandela Bay Stadium, ePort Elizabeth, ngoMgqibelo ebusuku.
Bekungokokuqala iBaroka idlala kowamanqamu selokhu yanyukela kwi-Absa Premiership. Ngo-2014 iBaroka isadlala kwiNational First Division (NFD) yafinyelela kowandulela owamanqamu weNedbank Cup. IBakgaga ba GaMphahlele icishe yadliwa yizembe ngesizini edlule, ngakho akekho obeyithemba ukuthi ingashaya iqembu elikhulu kowamanqamu. Ngaphandle kwalokho iPirates ivutha ingabaselwe selokhu kuqale isizini.
IBucs ayinayo inhlanhla uma kukhulunywa ngeTelkom Knockout. Isidlale owamanqamu weTKO kasishiyagalolunye kodwa iyiphakamise kanye kuphela.
Ngesikhathi efika uWedson Nyirenda, oqeqesha iBaroka, uthe ufuna ukuwina indebe neqembu okuyinto abayithathe njengehlaya abaningi abalandela ibhola laseNingizimu Afrika. Kufanele ukuthi bonke abalandela unobhutshuzwayo basale bekhexile ngemuva kokushaya into ecokeme kweBaroka kwiTKO.
IBaroka iye kowamanqamu ingakaze idedele igoli okuyinto okungangatshazwa ukuthi yenze yaba nokuzethemba. Emdlalweni wangoMgqibelo iyona ebilokhu ihamba phambili njengoba umdlalo ugcine uphele ngo 2-2 emizuzwini ewu-120.
Akungabazeki ukuthi uNyirenda ushintshe izinto kwiBaroka njengoba ishaye iMamelodi Sundowns, Bidvest Wits neLamontville Golden Arrows ngaphambi kokubhekana nePirates kwiTelkom Knockout. Okubalulekile manje kwiBaroka wukuthi ithole imiphumela emihle kwi-Absa Premiership, ukuze ingazitholi ibhekene nezembe ekupheleni kwesizini.
Leli qembu liyibambe endaweni ka-14 kwi-log okuyindawo ethanda ukuba yingozi njengoba imidlalo iya ngokushoda. Mhlawumbe ukuwina iTelkom Knockout kuzoyenza ivuke emaqandeni nasemidlalweni yeligi, ukuze ingashoveleki kwiNFD ekupheleni kwesizini.