UMQEQESHI weKaizer Chiefs omayoywana inhlamba yabalandeli baleli qembu, uSteve Komphela, uthembisa ukuthi kuzoba sengathi Amakhosi amasha ngonyaka ozayo kwazise kunabadlali bakhe abamqoka athe bayabuya ekulimaleni kanti uyibheke ngabomvu imakethe ukuthola umgadli oyimpendulo.
Yinto engeke yafihleka ukuthi wonke amaqembu adlala ngaphansi kwe-Absa Premiership anenkinga yokugcina umgqigqo wokuwina imidlalo ilandelana kodwa kubona bonke abaqeqeshi uKomphela uyena okubukeka sengathi uthwele kanzima.
Okuxakayo ukuthi iChiefs ayenzi kabi kunamanye amaqembu. Eqinisweni iChiefs yenza kahle njengoba isendaweni yesithathu lapho isele khona ngamaphuzu amathathu kuphela kwiMamelodi Sundowns eqhwakele. Emaqenjini amahlanu ukusuka esicongweni, iChiefs isashaywe kancane (kathathu) yize ukudlala ngokulingana kungamahlandla ayisikhombisa.
Konke lokhu akubenelisi abalandeli beChiefs okuthi njalo uma umphumela ungayivunanga abalandeli badubele ekutheni akuhambe yena. Kungenzeka-ke nokho ukuthi abalandeli beChiefs babala ukuthi sekuyisizini yakhe yesithathu lena kodwa akakaze abafakele lutho ekhabetheni. Umlando weChiefs nezinkomishi awudingi ukuchazwa kakhulu.
Ekhuluma nethimba labezindaba bayo iChiefs uKomphela uthe: “Akufanele abantu bakhohlwe ukuthi isikimu siyasichibiyela kwesinye isikhathi ngoba kunabadlali bethu abalimele. Okuhle ukuthi bayabuya ngonyaka ozayo. Kuzoba sengathi kunabadlali abasha esibathengile. Lokhu yikhona okuzongizela naleli khanda engithandayo ukuthi lingiphathe."
Ube esethembisa ukuthi bazongena bagxile emakethe kodwa bazothenga uma bethola okungcono kunalokhu abanakho ikakhulukazi kubagadli.
Kubadlali beChiefs abalimele Isolezwe lingabala U-Emmanule Letlotlo noRyan Moon abalimale umsipha nokuthungwa idolo ngokwahlukana. Ngokusho kwamabhuku eChiefs laba badlali bazobuyela esikimini ngoJanuwari 1.
Bobabili sebeqiwe imidlalo yeligi engu-25 (ngokuhlanganyela) kusukela balimala. URamahlwe Mphahlele (idolo), Tsepo Masilela (ohlinzwe iqakala), Sibusiso Khumalo (idolo) noKgotso Moleko (idolo) bonke akucaci ukuthi bazobonakala nini kodwa sebebonke sebeqiwe imidlalo yeligi angu-55 (ngokuhlanganyela) kusukela balimala ngokwahlukana.
Umdlalo weChiefs weligi olandelayo useMoses Mabhida Stadium, eThekwini lapho izodudulana khona ne-Ajax Cape Town ngoMgqibelo ngo-8.15 ebusuku.