YIZE eshaya ngesisoka kodwa uSteve Komphela oke wacija iBafana Bafana akakufihli ukuthi ukushintshwa kwebhentshi ngenye yezinto okumele zisukunyelwe eqenjini lesizwe ukusondeza imiphumela emihle kubhekwe phambili.
“Wumbuzo lowo obanzi futhi nempendulo yakhona ibanzi,” kusho uKomphela ebuzwa ukuthi yini okumele yenziwe ukuswabulukisa iBafana njengoba ibuya namuhla eCairo kwi-2019 Africa Cup of Nations ekhishwe kuyo kuma-quarterfinal.
“Imagatshagatsha. Akusiyo nje inkinga yebhentshi kuphela kodwa yizinto eziningi. Ngisho nangasemgodleni wamaqhinga, akusikho nje ukubheka izinga lokudlala. Kufanele sibheke amalungiselelo (esiwenzile), indlela yokuzilolonga nezinkulisa. Yinto ebanzi edinga umqingo wocwaningo.”
Phezu kokuba ifinyelele kuma-quarterfinal kodwa indlela iBafana edlale ngayo ngaphansi kukaStuart Baxter ayigculisanga neze.
Inqobe umdlalo owodwa ekwiGroup D lapho ebiqhathwe khona neNamibia, Ivory Coast neMorocco.
Iguqe ngo 1-0 kwiMorroco nakwi-Ivory Coast nokuyenze yaqeda namaphuzu amathathu ewathole kwiNamibia iyehlula ngo 1-0.
Idlulele kwi-last 16 ngokubalwa emaqenjini amane kwabenamaphuzu angcono aqede eyamaqoqo eklele ezindaweni zesithathu. Ukukhuluma kusale kuthi idlule ngesitulo esinamasondo.
“Nasesigabeni samaqoqo nje ububona ukuthi itshe limi ngothi. Kube ngcono uma sesidlulela phambili. Nokuzethemba kwabuya sesihlula i-Egypt. Uyazibuza-ke ukuthi ngabe nomphumela wangoLwesithathu ubuveza ngokusobala lokho okwenzeke esigabeni samaqoqo yini. Kufanele sibuye, sibuyekeze, senze nezinguquko, senze nezinto ngendlela, sibe nokuthembeka, asingaveli nje sisebenze. Konke lapho kunohlelo nokuthembeka khona, nempulelo ikhona,” kusho uKomphela.
Ukudideka kukaBaxter kwenze kwanezikhalo zokuthi iBafana ibuyiselwe kubaqeqeshi baseNingizimu Afrika okubalwa kubo noBenni McCarthy eqhulwini.
“USturat Baxter ngumngani wami esisondele kakhulu naye. Ngisebenzile naye futhi ngimhlonipha kakhulu. Ungomunye walaba baqeqeshi bangaphandle abafike nokuthile (ebholeni laseMzansi). Ayikho inkinga ngabantu bethu uma besebenzela izwe labo kodwa inkinga ngathi (abaqeqeshi baseMzansi) wukuthi uma uke wangena (uthatha umsebenzi wokucija iBafana), uzohlangabezana nokukhulu ukudeleleka okungenasidingo ngoba asizishayi mkhuba. Uma izwe lingaqala lizihloniphe lona uqobo, lapho-ke lingaya phambili.
"Uma ucabanga ukuthi ukuya kukaSteve Komphela (kwiBafana) kungahambisana nenhlonipho, khohlwa mngani wami udlala ngesikhathi sakho. Uma uSteve Komphela eya kwiKaizer Chiefs ecabanga ukuthi uzothola ukuthakaselwa ngakwenzayo, kumele akhohlwe. Uma (umqeqeshi waseMzansi) ungena laphaya (ezikhundleni zokuqeqesha) kufanele usheshe uzitholele inkunzimalanga yehawu lensimbi. Uma ungazivikele ngehawu lensimbi mnganami, ngeke kube lula, sizoqhubeka silwe.”
Umqeqeshi wakuleli onqobe i-Afcon nguBaxter ngo-1996, uJomo Sono wafika kowamanqamu eBurkina Faso ngo-1998.