IGQEMEKE udume olungeqiwa ntwala iSuperSport United ngesikhathi kuqinisekiswa ukuthi umgadli wayo osephendule iKaizer Chiefs ithofi, uBradley Grobler, ngeke adlale ngeSonto koweTelkom Knockout oseMoses Mabhida Stadium, eThekwini.
UGrobler wuyena oqinisekise ukuthi uzohlala engadlali cishe zonke izinyanga ezisele ngaphambi kokuthi kugoqwe unyaka emuva kokuhlinzwa kwakhe ngempumelelo enyongeni ngakwesokudla.
Ngokusho kwalo mgadli okhona nasezinhlelweni zomqeqeshi weBafana Bafana, uStuart Baxter, ibhadi limlandele ngoba eminyakeni emibili edlule ngosuku ahlinzwe ngalo kwenzeke okufanayo enyongeni yangakwesokunxele.
Kwenzeka konke lokhu umqeqeshi weSuperSport, uKaitano Tembo, uyabamba uyayeka ngezinkinga ezahlukene abhekene nazo. Kusuke omkhulu umsindo ngokuthi umdlalo wangeSonto uzodlalwa kukhona izibukeli eMoses Mabhida ekubeni iChiefs ingakasiqedi isigwebo semidlalo emibili ibukwa izihlalo.
UGrobler useshaye amagoli amathathu ebhekene neChiefs kule sizini emidlalweni okukhona kuyona neyeMTN 8.
Lokhu kulimala kubukeka kuzoba isiphazamiso kwiSuperSport ngoba ubeseqala ekhombisa izimpawu zokuziveza ukuthi uyingozi futhi ubezoba wusizo olungakanani kuMatsatsntsa a Pitori.
“Kuliqiniso elingeke laphikwa ukuthi umsebenzi engiwenzayo umnandi ukuyedlula yonke ekhona emhlabeni kodwa nawo unezawo izikhinsi.
Eminyakeni emibili edlule ngihlinzwe inyonga yangakwesokunxele njengoba sekusetshenzwa kweyangakwesokudla kulo nyaka. Ngizohlala futhi isikhathi ngingadlali kodwa uma sengiluleme ngiyazi ngizosijabulela isinqumo sokuthi ngiyilungise manje le nkinga,” ubebhale kanje ekhasini lakhe leTwitter.
Ekhuluma ngemuva komdlalo wezakhe neLamontville Golden Arrows, uTembo ukhale ngesifo esihlasele abadlali bakhe kule sizini.
“Ngiyahluleka ukuchaza ukuthi kusuke sekwenzenjani uma sivele sizithole sesisenkingeni kade umdlalo siwuphethe. Abadlali bami bavele behlise umfutho ngalesi sikhathi sekumqoka ukuthi sigcine umgqigqo kumbe sikhuphule igiya.
“Lokhu kuyinkinga kithina futhi kuzoba yinkinga kakhulu uma sesibhekene neqembu elifana neChiefs,” kusho uTembo.