UMSHWIBI wamaProteas uKagiso Rabada uqokwe waba ngumdlali ovelele ngemuva kokuthi iqembu lakuleli lishaye i-Australia kwiTest yesibili eSt George's Park e-Easten Cape Izolo
AKAWUVALI umlomo ngezinga eliphezulu elikhonjiswe yizinsika zamaProteas uKagiso Rabada no-AB De Villiers ukaputeni weqembu lesizwe uFaf du Plessis.

AmaProteas aqumbe phansi i-Australia ngamawikhethi ayisithupha emdlalweni weTest yesibili eSt George’s Park, e-Eastern Cape.

Njengamanje la mazwe asebambene ngo 1-1 kulolu chungechunge lwamaTest amane. I-Australia yiyona enqobe iTest yokuqala ebidlalelwa eSahara Stadium, eKingsmead, eThekwini, ngesonto eledlule.

Umdlalo wesithathu uzoqala ngoMashi 22 ePPC Newlands, eKapa bese kuthi owokugcina ube seBidvest Wanderers Stadium, eGoli ngoMashi 30.

Emdlalweni ophele izolo uRabada ugcine eqokwe waba ngumdlali ovelele emuva kokuthatha amawikhethi angu-11 kuma-innings amabili.

Kwi-innings yokuqala uRabada uthathe amawikhethi amahlanu kuma-over angu-21 (5-96) kwathi kweyesibili waqoqa ayisithupha (6-54) kuma-over angu-22.

Ngakolunye uhlangothi uDe Villiers ushaye ama-run angu-126 emabholeni angu-146 engazange akhishwe kwathi kwi-innings yesibili wahlomula ngama-run angu-28.

UDu Plessis exoxa noShaun Pollock ngemuva komdlalo kwithelevishini ubabaze amagalelo kaRabada noDe Villiers.

“URabada uyilolu hlobo lomshwibi ongumnqobi. Ukwelinye izinga. Usefomini eyisimangaliso. Udlale ingcwenga yekhilikithi kwazise ubenza izinto ngendlela abefuna ukuzenza ngayo. Ubekulambele ukuthatha amawikhethi. U-AB ngeke ngimkhohlwe. Uvele wenza sengathi udlala enkundleni ehlukile kunabanye abadlali, uma ubheka indlela adlale ngayo.

Ubezishayela ama-run kalula. Ushintshe ingcindezi wayibuyisela kwi-Australia ngemuva komsebenzi omuhle onzima owenziwe nguHashim (Amla) noDean Elgar (bobabili abashaye o-50 ngaphambi kokuthi kungene uDe Villiers),” kusho uDu Plessis.

Umdlalo uphele kusasele usuku olulodwa njengoba bekuhlelwe ukuthi udlalwe izinsuku ezinhlanu.

I-Australia yiyona eqoke ukubhetha ngosuku lokuqala. Ikhishwe yonke isiyenze ama-run angu-243 kwathi amaProteas enza * -382 wama-run kwi-ininngs yawo yokuqala.

Kweyesibili ama-Aussies aphume esenze ama-run angu-239. Lokhu kuchaze ukuthi elakuleli belidinga ama-run angu-101 ukuze linqobe umdlalo. Liwashaye ngama-over angu-22.5.

URabada ngeke adlale emidlalweni emibili yokugcina njengoba etholwe enamacala amabili okuphehla udweshu.

“Ngijabule ngokuthi konke ebengikwenza ngaphambi komdlalo kube yimpumelelo. Kuhlale kuyintokozo ukuvula ukushwiba ngoba ibhola lisuke lisacwebezela futhi libhampa kakhulu.

Bekumqoka ukuthi sidlale kahle ngoba i-Australia ayilona iqembu ovele ulikhiphe kalula,” kusho uRabada.