USIHLALO weCape Town City uJohn Comitis uchithe abanye omasipala abebefuna iqembu lakhe lizodlala ezindaweni zabo ngenxa yokuthi unezinhlelo zokwakha inkundla yakhe eKapa.
Ngesonto eledlule iCity iphoqeleke ukuthi izodlala ePrincess Magogo Stadium, eThekwini, kowe-Absa Premiership ngenxa yokuthi iCape Town Stadium ibilungiselela uchungechunge lwaseNingizimu Afrika lweRugby Sevens.
Ezinye izinkundla zaseKapa zikhahlanyezwe yisomiso. Exoxa nabezindaba uComitis ukuqinisekisile ukuthi unazo izicelo zokuyodlala kwabanye omasipala kodwa akanazo izinhlelo zokushiya eKapa ngoba ufuna ukwakha inkundla yakhe.
“Sengithole inqwaba yezicelo kodwa angizimisele ukuzithatha ngoba ngikholwa wukuthi ngisendaweni efanele eKapa kodwa ngiyaludinga usizo. Ngidinga ukuthi umkhandlu waseKapa useseke. Leli yithuba labo lokuthi benze izinto zenzeke eqenjini lethu.
“Sisezinhlelweni zokwakha inkundla yethu. Njengamanje sesilinde ukuthola umhlaba. Siyethemba ukuthi kuzophela uDisemba sesiwutholile umhlaba ukuze siqale izinhlelo zethu zokwakha inkundla. Sihlela ukwakha inkundla emumatha abantu abangu-10 000 futhi ngicabanga ukuthi lokhu kuzosombulula inqwaba yezinkinga eKapa,” kusho uComitis.
Amaqembu aseNingizimu Afrika awanazo izinkundla zawo. Izinkundla azikhokhela komasipala.
“Into emqoka kimina wukukhulisa iqembu. Uma unenkundla yakho uyakwazi nokwakha usiko lweqembu, uyakwazi ukwenza abalandeli bajwayele indlela iqembu elenza ngayo izinto. Abantu baze babe nezindawo zabo zokuhlala.
“Izinto ezifana nalezi asinazo eNingizimu Afrika kodwa siyazidinga. Akumele sifike enkundleni sidlale ngemuva kwalokho siqoqe izimpahla zethu bese siyahamba. Kumele siqhamuke nezinto ezizoshiya umlando enkundleni nemizuzu emihle eyohlale ikhunjulwa. Inkundla yethu izokwakha zonke izinto ezifana nalezi,” kusho uComitis.
Ngempelasonto iCape Town City iphinde yalahla amaphuzu amqoka idlala ngokulingana neSuperSport United ngo 1-1 emdlalweni we-Absa Premiership eMbombela Stadium, eNelspruit, eMpumalanga.
“Sihlele ukuthi yakhiwe izinyanga ezingu-12 inkundla yethu. Ngihlalele ethembeni lokuthi kuzophela unyaka ozayo sekucaca ukuthi sibhekephi. Mina ngifuna ukwakha usiko kubalandeli bethu ngiphinde ngishintshe indlela abalandeli abaphethwe ngayo kuleli,” kusho uComitis.