UMGADLI weMamelodi Sundowns uJeremy Brockie akaneme ngesizini engazange imuphathe kahle abe nayo kuleli qembu.
UBrockie ufike kwi'Downs ethwelwe ngeqoma lokuthi uzoqhubeka nokuqhulula amagoli njengoba ebenza eqenjini ebedlala kulona iSuperSport United.
Lo mgadli odabuka eNew Zealand, ubhale ekhasini lakhe lika-Instagram ukuthi usadinga ukuyopholisa ikhanda njengoba bekunzima ukuzithola engadlali. Uthe uyoziveza ngelinye ilanga izizathu eziholele kulokhu kodwa wathi uthemba ukuthi isizini ezayo izoba ngengcono.
"Sekuphinde kwasongwa enye isizini lapha eNingizimu Afrika lapho iSundowns ibe ngompetha bePSL isizini yesibili kulandelana okuyikhona okungijabulise kakhulu kanye neqembu. Ngebhadi mina angizange ngizuze ebengikufisa ukuthi ngiqinise indawo yami esikwatini nokuthi ngishaye amagoli," kubhala uBrockie.
Uthe kunzima kakhulu ukukhuhla ibhentshi kuyena kwazise indodana yakhe eneminyaka emine ibuye imubze ukuthi kungani engadlalanga.
View this post on Instagram
A post shared by Jeremy Brockie(@jeremybrockie11) on May 22, 2019 at 2:32am PDT
Ukhuluma nje seziqalile izinkulumo zokuthi uzolishiya leli qembu, ayozama kwenye indawo. Umqeqeshi weSundowns, uPitso Mosimane usanda kuveza ukuthi ufuna umgadli obukhali azoqinisa ngaye iqembu lakhe.