UMQEQQESHI weBafana Bafana, uStuart Baxter, uhlela ukuqhatha iqembu elidlala kwiFrench League 1, iStrasbourg FC, nolaka lweFifa.
UBaxter usola iStrasbourg FC ngokunyomfa izinhlelo zakhe ngokwenqaba ukudedela umgadli abehlele ukumsebenzisa, uLebo Mothiba.
Lokhu kwenzeke kabi vele iBafana ibhekene nengwadla yokulinyalelwa ngabadlali abamqoka ngaphambi komdlalo wayo wokuhlungela i-Africa Cup of Nations (Afcon) ongoMgqibelo neLibya eMoses Mabhida Stadium, eThekwini.
UBaxter, osephoqeleke ukuba avale isikhala sikaMothiba ngoMxolisi Macuphu weBidvest Wits, uthe uzibona yena nososeshini waseNingizimu Afrika bedeleleka ngendlela okwenzeke ngayo engamtholi umdlali.
“Indlela abasibikele ngayo inobu-amesha noma indelelo. Siqale ngokuthola i-email ivela kunobhala weqembu isazisa ukuthi uMothiba ngeke afike ekhempini ngoba unenkinga. Lokhu kulandelwe ukuthi kufike omunye umyalezo usuvela kudokotela weStrasbourg usazisa ngokuthi uzoyohlolisiswa kahle bese beyasiphendula. Kudlule amahora ambalwa kwangena enye i-email isisitshela ukuthi uMothiba udonseke umsipha ngakhoke uzohlala izinsuku eziyishumi kuya kweziwu-15 engadlali,” kusho kaBaxter ebuzwa yiSolezwe ngalolu daba.
Ngokusho kwakhe ube eseyaleza kudokotela weBafana ukuthi ufuna isithombe esikhombisa ukuthi umdlali ulimele ngempela ukuze alande omunye umdlali uma kunesidingo. ISafa igcine itshele abezindaba ukuthi izoveza konke ngokuxhumana kwayo neStrasbourg kodwa ayikwenzanga lokho kwaze kwaba sekuvela indaba yokulandwa kukaMacuphu.
UMothiba usayine kwiStrasbourg ngoLwesihlanu olwedlule esuka kwiLille ngo-R135 million wadlala ngoMgqibelo iStrasbourg ikhala ngaphansi ngo 3-2 kwiNantes. Akukho kulimala okubikwe ngaye. Ukusabisa kukaBaxter ngokuyisa udaba kwiFifa kuzophinde kucace kahle ngoMgqibelo ozayo (15 Septhemba) lapho iStrasbourg izobe ibhekene khona neMontpellier edlalelwa uKeagan Dolly. Zizobe zingakapheli izinsuku ezishiwo yiStrasbourg ukuthi zizodingeka ukuze lo mgadli alulame ngokugcwele.
UMthetho weFifa uyawaphoqa amaqembu ukuba abadedele abadlali uma imidlalo isekhalendeni layo. Lokhu kuwabopha amaqembu ngisho umdlali elimele kwazise kufanele aye eqenjini lakhe lesizwe nalo limhlole bese kuba yima kuthathwa isinqumo.
“Ngizonquma maduze ukuthi yisiphi isinyathelo engisithathayo ngalokhu. Ngizonquma ukuthi ngiyalubika yini kwiFifa lolu daba ngoba izinhlelo zami zinyomfekile. Uma sikhona isidingo sokubabika ngizokwenze njalo kodwa engingakusho nje, ibe nobu-amesha nendelelo indlela abenze ngayo,” kusonga uBaxter.
Ezimnandi kuBaxter ezithi oDean Furman noBradley Grobler abebenokuthinteka baqalile ukuziqeqesha ngokugcwele izolo ntambama.