UMQEQESHI weKaizer Chiefs, u-Ernst “Mazinyo” Middendorp, akawuvali umlomo ngokuvuka emaqandeni kwesikhwishikhwishi seqembu, uHendrik “Pule” Ekstein.
UMiddendorp uthe selokhu athatha izintambo kwiChiefs ngoNovemba 7 akekho umdlali osakhombise ukuzinikela nokusebenza kanzima njengo-Ekstein. Okufakazela lokhu wukuthi u-Ekstein, odabuka eBekkersdal, eGauteng, usehlabane kabili ngomklomelo womdlali ovelele emidlalweni eyehlukene.
Owokugcina athole kuwo umklomelo umdlalo we-Absa Premiership onqotshwe Amakhosi ngo 3-2 eshaya AmaZulu eKing Zwelithini Stadium ngeledlule.
U-Ekstein udlale ingcwenga yebhola kulo mdlalo, akhela amathuba Abafana Bokuthula Noxolo.Umphumela waqinisekisa ukuphele kwerekhodi lokungashayelwa ekhaya loSuthu kule sizini.
UMiddendorp uthe abadlali ababanga ijezi no-Ekstein kwiChiefs kuzofanele basebenze kanzima ukulithola.
“Selokhu ngifikile lapha kwiChiefs akekho umdlali osakhombise ukudlondlobala ukwedlula u-Ekstein. Ngiyakhumbula ukuthi umdlalo wakhe wokuqala ophelele uwudlale ngoDisemba 22, washaya into ecokeme. Okungichaza kakhulu ngaye wukuthi ukhombisa ukukhula okuyisimanga, uyalekelelana nabanye abadlali. Unomjiko omuhle oya phambili futhi osakhela inqwaba yamathuba. Kuzofanele basebenze kanzima abadlali abafuna ijezi kuyena ngoba okwamanje usashaya into ecokeme.”
U-Ekstein uduvise ebhentshini uSiphelele “Stashi” Ntshangase oselizwa ngendaba ijezi. Inkontileka yeChiefs no-Ekstein iphela ngoJuni.
Uma ezoqhubeka nokudlala ibhola elihle, uzozenzela kube lula ukuthi izikhulu zeqembu zimnike inkontileka entsha.
Udumo luka-Ekstein kwiChiefs luqale esagijima kwiMultiChoice Diski Challenge (MDC), ngesizini ka-2014/2015. Ngenxa yokudlala kahle kwiMDC, abaphathi beChiefs bamkhuphulele eqenjini elikhulu ngesizini ka-2015/2016.
IChiefs izobhekana neTornado FC emdlalweni weNedbank Cup Last 32 eSisa Dukashe Stadium ngeSonto ngo-3 ntambama.
Imidlalo ye-Absa Premiership namuhla:
Orlando Pirates v Baroka FC (Orlando Stadium, 7.30pm), Highlands Park v Mamelodi Sundowns (Makhulong Stadium, 7.30pm)