NAKUBA imiyalelo yabaqeqeshi bezoyihlonipha abadlali beCell C Sharks kodwa ukwethembana enkundleni yikona okuzokwenza banqobe uma sebebhekene neXerox Golden Lions, emdlalweni owandulela owamanqamu kwiCurrie Cup, ngoMgqibelo.
Lokhu kushiwo uJeremy Ward, oyi-centre, yeSharks, okholelwa ekutheni umsebenzi omuningi ususele kubona njengabadlali, ngoba abaqeqeshi sebekwenze konke okudingekayo.
Lo mdlalo obhekwe ngabomvu, uzoqala ngo-2.30 ntambama, eKings Park Stadium, eThekwini. ISharks inesilonda esibhibhayo ngalo mqhudelwano njengoba isinakho ukuphendulwa ibhola yi-DHL Western Province, esinokuzigwazela ibhece kwezikaRobert Du Preez Snr.
Ngesizini edlule, iProvince iphuce iqatha emlonyeni iSharks iyishaya kowamanqamu, phambi kwabalandeli bayo eThekwini. Loyo mdlalo waphela ngo 33-21. Akugcinanga lapho njengoba iphinde yayishaya nakuyona le sizini emidlalweni yamaqoqo ngo 50-28, eNewlands Stadium, ngoSepthemba 29.
UWard uthe sekulele kubona njengabadllai ukuthi amaphutha angesizini edlule bawalungise.
“Uma uqaphelisisa imidlalo esiyinqobile, besilekelelwa ukudlala njengeqembu, nokusizana. Umdlalo wethu neLions ngoMgqibelo ngiwubona uzoncika kakhulu ekutheni thina njengabadlali sithembane, sizwane, silekelelane. Ngibona kuzoba yilowo ukhiye,” usho kanje uWard ngemuva kokuziqeqesha nezakhe eShark Tank.
Ngokusho kukaWard, abadlali beSharks bakulambele ukunqoba isicoco seCurrie Cup.
“Sisebenze kanzima ukuzibeka kulesi simo esikusona njengoba sidlalela umdlalo we-semi final ekhaya. Zonke izinsizwa zikulambele ukwenza kahle kodwa kufanele siqaphele ukulamba kwethu kungaphenduki isitha sethu. Ngicabanga ukuthi sinabadlali basemuva abadlala kahle, okwethu thina abanye ukuthi sibanike ibhola, ngoba benza ezibukwayo uma ibhola lisesandleni zabo,” kusho uWard.
ILions iyazi kahle induku yeSharks, njengoba ikhale ngaphansi emqhudelwaneni ofanayo, emidlalweni yamaqoqo. ISharks inqobe ngo 37-21, ngoSepthemba 22, eKings Park.
“Okwasisiza ngesikhathi sibashaya ukuthi sadlala kahle emuva, namathuba sawasebenzisa. Kuzofanele singaguquki kulokho, ngoba iLions iyiqembu elihlaselayo,” kuphetha
uWard.