ANGIYENA umuntu ovame ukuvumelana noPitso Mosimane oqeqesha iMamelodi Sundowns. Isizathu salokho wukuthi noma ekhuluma into okuyiyona neyiqiniso lo mqeqeshi, uvele enze kube yihaba ongakaze ulizwe emhlabeni kaJehova, bese ngimangala nje ukuthi kanti kwenzenjani. Kodwa ngimhlonipha kakhulu ngamagalelo akhe kunobhutshuzwayo e-Afrika yonkana.
Nokho uma ngingavumelani naye kusuke kungasho ukuthi usenga ezimithiyo noma uyazinhlanhlathela nje. Inkinga enkulu enginayo ngoMosimane wukuthi angiyithandi indoda ebalisa ngokweqile ize icwebise izinyembezi.
Kulokhuke ngizovumelana nesikhalo sikaMosimane, hhayi ngoba sengikuthanda noma sengikujwayele ukubalisa kwakhe ngokweqile. Uqinisile impela uJingles uma ethi iPremier Soccer League (PSL) kumele yenze kangcono uma ihlela imidlalo yayo ngaphambi kokuthi kuqale isizini.
Njengoba ngingasebenzi kwiPSL angifuni ukuzenza usiyazi ngokuthi babhekana naziphi izingqinamba uma behlela uhla lwemidlalo
ye-Absa Premiership. Ngigxila kwiPremiership ngoba kubukeka kuhamba kahle kakhulu kwiNational First Division (NFD) lapho elingana wonke amaqembu ngokwemidlalo aseyidlalile.
Ngicabanga ukuthi bonke ababandakanyekayo ekuhlelweni kwemidlalo yePremiership basuke bazi ukuthi yimiphi eminye imidlalo ezodlalwa nezinsuku zakhona uma sebehlela uhlu lwemidlalo yale ligi. Kungani pho manje kunomehluko ongaka emidlalweni esidlalwe amaqembu ePremiership?
Njengamanje kukhona amaqembu asedlale imidlalo ewu-12, kukhona asedlale ewu-11, abanye basadlale eyisishiyagalolunye, kanti abanye baneyisishiyagalombili. Kungani kunalesi simo kwi-log yePremiership ekubeni konke kusuke kungafihliwe ngaphambi kokuthi kuqale isizini?
Ngaphambi kokuthi kuqale isizini iPSL isuke yazi kahle ukuthi kunemidlalo yeCAF Champions League, CAF Confederation Cup, eyokuhlungela i-Africa Cup of Nations noma iNdebe yoMhlaba, neminye imidlalo yemikhumulajezi engaphansi kwayo (iPSL). Angazike ukuthi yini eyenza iPSL ihluleke ukuhlela kahle izinto zayo kungabi nokushiyana okungaka emaqenjini.
Kwi-English Premier League (EPL) baba nesimo esifanayo kodwa njengamanje uma ubheka i-log yakhona iqonde thwi, amaqembu ayahambisana wonke ngemidlalo aseyidlalile. Nabo banayo imidlalo yemikhumulajezi, bayadlala kwi-Uefa Champions League ne-Uefa Europa League. Imidlalo yokuhlungela i-EURO noma iNdebe yoMhlaba nakhona ibuye ibaphazamise.
Ngiyahluleka ukuqonda ukuthi yini ngempela ehlula iPSL ukuthi ihlele izinto zayo njengakwamanye amaligi. Kunamasonto lapho kuke kube khona umdlalo owodwa nje qhwaba wePremiership. Lapho uvele uzibuze ukuthi ngempela hlelo luni lolu lwePSL.
Into engeke ithandabuzwe ngendlela izinto ezenzeka ngayo kwiPSL ukuthi amaqembu asuke esalele emuva ngemidlalo abuye aphazamiseke. Kuba nzima kakhulu uma iqembu selidlala imidlalo ilandelana ngaphandle kokuphumula. Kugcina kukhale induku imidlalo ilandelana kulelo qembu elingasaphumuli ngokwanele, bese kuphela kanjalo ngephupho lesicoco seligi. Yinto engeke ibalekelwe ukuthi ukuba nemidlalo eminingi ongakayidlali akusho ukuthi usunawo amaphuzu okufica amanye amaqembu.
Ngoba ngisuke ngingekho angazi noma iPSL iyawabandakanya yini amaqembu uma ihlela uhla lwemidlalo yesizini entsha kungakakhali neyokuqala indweba yomdlalo wokuvula isizini. Uma kungenzeki lokhu kungakuhle amaqembu nawo aphonse itshe esivivaneni ekuhlelweni kwemidlalo ukuze izoxazululeka le nkinga egcina isiphazamisa kwathina esibika ngonobhutshuzwayo.
Angisho ukuthi amaqembu kumele azikhethele ukuthi afuna ukudlala nobani, nini kodwa okubalulekile ukuthi kungabi khona ukushiyana okukhulu okusobala okwezinqe zeselele kuyimanje. Uyazi nokwenza i-log yePremiership kuvele kukucobe amadolo nje uma imidlalo igejene ngendlela eyiyona njengamanje.
Yize ngingeke ngikujwayele ukukhala kudume izihosho kukaMosimane kodwa ngiyizwa kahle into ayikhulumayo mayelana nokuhlelwa kwemidlalo yePremiership. Isikhathi esiningi le nto yokungahleleki kahle kwemidlalo ihlale inika iSundowns inkinga ngoba iyona ehlale isalele emuva ngemidlalo. I-PSL ingenza kangcono kakhulu kunalokhu ehlale ikwenza okungashintshi wonke amasizini. Ake alalelwe uMosimane.