UZIZWA ebusisekile ngokuqokwa kwakhe nezihlabani zomhlaba zabesifazane kwezemidlalo umgijimi uCaster Semenya okhethwe emunxeni weWorld Sportswoman of the Year kumaLaureus Awards amenyezelwe ngoLwesibili.
USemenya, oyiqhawekazi kwezokusubatha, uzoqhudelana nezinkunzi ze-tennis uSerena Williams, wase-United States of America (USA) nompetha ka-2017 weWimbledon, uGarbine Muguruza waseSpain.
Ezinye izihlabani aqokwe nazo umsubathi u-Allyson Felix wase-USA ogqame kumaWorld Championship nyakenye ehlanganisa izindondo eziwu-16 aseke aziqoqa kulo mqhudelwano. Kukhona nombhukudi wase-USA uKatie Ledecky oqoqe amagolide amahlanu nesiliva elilodwa kwiFifa World Champions nyakenye. ULedecky ubeqala ukungalitholi igolide emqhudelwaneni omkhulu ngaleli siliva alitholile. Kukhona noMikaela Shiffrin ongumkhaya walaba ongumpetha kwezokuntweza eqhweni.
USemenya unqobe igolide kwi-800m kumaWorld Championship nyakenye. Akakaze ahlulwe kuleli banga nyakanye okufakazelwa ukuzidlele amahlanga kwiDiamond League eqhubeka lapho ayegcine khona enqoba igolide kuma-Olympic ngo-2016. Uphinde wathola nethusi kwi-1500m.
Ebhala ekhasini lakhe kwi-Instagram uthe: “Ngiyakholelwa kuNkulunkulu hhayi ngoba abazali bami bangitshela lokho, hhayi ngoba isonto lingitshela lokho kodwa ngoba okuhle okwenzeka kimi kungikhombisa umusa wakhe. Ngibusisekile ngokuqokwa nabaphambili.”
Ubefake isithombe sazo zonke izintokazi azobe ebanga nazo. Umcimbi wokudalula abanqobile uzoba seMonaco ngoFebhuwari 27 kanti kuvota amalungu eLaureus.
Kwabesilisa kuzobe kuqhuthana umgijimi uMo Farah, abadlali be-tennis uRoger Federer noRafael Nadal, umshayeli wezimoto uLewis Hamilton, umdlali webhola uCristiano Ronaldo nomshovi wamabhayisikili uChris Froome.
Ngo-2015 umdlali webhola lombhoxo uSchalk Burger uyinqobile indondo ye-Laureus kwiWorld Comeback of the Year emuva kokuvuka azithathe kade egula. Owesifazane wase-Afrika oseke wanqoba kwiSportwoman of the Year, ngumgijimi wase-Ethiopia uGenzebe Dibaba.