KUNGENZEKA ukuthi abadlali bezinkunzi zaseLondon, iChelsea, bazongena kowamanqamu eWembley Stadium befuna ukubhodla igqubu lango-2017 kodwa ngaphezu kwalokho, lo mdlalo uzofaka ohlwini lwezinsepe zabaqeqeshi oyedwa phakathi kukaFrank Lampard noMikel Arteta.
Umdlalo unamuhla ngo-6.30.
Igqubu leChelsea kulo mdlalo lidalwa wukuthi igcina ukuhlangana ne-Arsenal kowamanqamu alo mqhudelwano ngo-2017, ikhale ngaphansi ngo 2-1 kwiGunners ka-Arsene Wenger nokugcine kuyisicoco avalelisa ngaso.
I-Arsenal ibinqoba isicoco sayo sika-13 salo mqhudelwano kanti iChelsea ibuyele kuwo ngo-2018 inquma ngo 1-0 iManchester United, ephinde yadlula kuyo ukufinyelela kulesi sigaba.
Kwenzeka konke lokhu uLampard no-Arteta bebeqala izinyathuko zabo ekuqeqesheni njengoba sebethungatha isicoco sabo sokuqala nnjengabaqeqeshi.
U-Arteta ubencela ulwazi engwazini enguPep Guardiola, abadabuka nayo eSpain.
ULampard yena uqale ezansi ecija iDerby Country kwiNPower Championship nasale kancane ukuyifaka kwiPremier League ngaphambi kokubuyiswa yiChelsea imnika isizini yakhe yokuqala engumqeqeshi wePremier League.
Bobabili laba baqeqeshi bayinqobe izikhawu iFA Cup besadlala kwiChelsea nakwi-Arsenal becijwa yizingwevu ezinjengoWenger noJose Mourinho.
Yingakho umphumela womdlalo wanamuhla uzobe usho lukhulu kulaba baqeqeshi ngoba ozonqoba uzongena emlandweni igama lakhe libalwa ohlwini lwalezi zinsuche zabaqeqeshi ezinqobe iFA Cup.
ULampard uvele uhambela phezulu kwazise ngesizini yakhe yokuqala usechoma ngokufaka iChelsea kwi-Uefa Champions League ngemuva kokuba iqede endaweni yesine kwilog yePremier League.
U-Arteta yena usale ebhekwe wumsebenzi omkhulu ngemuva kokuthi ezakhe ziqede endaweni yesishiyagalombili nokusho ukuqeda emuva ukwedlula wonke amakhulu ase-England.
Okulimaze i-Arsenal wukuthi isale ithembele kuPiere-Emerick Aubameyang ngamagoli ngemuva kokwehlelwa yifomu kuka-Alexandre Lacazette.
U-Aubameyang ugcine ehlohle amagoli angu-22 kwiPremier League, ekhala ngaphansi ngelilodwa kuJarmy Vardy omuke nesicathulo segolide. ULacazette ugcine enangu-10 kanti kwiChelsea yize umgadli wayo ohamba phambili, uTammy Abraham, eqede naamagoli angu-15, ulandelwa eduze ngabaningi kuWillian noChristian Pulisic ngamunye obenayisishiyagalolunye.
Eduze balandelwa ngu-Oliver Giroud ngayisishiyagalombili noMason Mount nayisikhombisa.
Lokhu kusho ukuthi ezikaLampard zinamathuba athe xaxa phambi kwamapali kodwa ziyobe zizigwaze ngowazo uma zilibele ukuthi ne-Arsenal ikhiphe iManchester City kaGuardiola kumasemi-final.