UMDLALI weSuperport United uTeboho Mokoena ejabulela igoli lakhe noGeorge Lebese noGrant Kekana ngesikhathi leli qembu libhekene neGolden Arrowns ngeSonto eSugar Ray Xulu Stadium eThekwini. Isithombe: Gerhard Durban/BackpagePix
ISUPERSPORT United iqinise indawo yayo kwiTop 8 ye-Absa Premiership ngewini enzima eyithole kwiLamontville Golden Arrows ebishaywa okokuqala selokhu kufike umqeqeshi wayo omusha uSteve Komphela.

Kucace zisuka ngakho kodwa ukuthi i-Arrows izothembela ejubaneni kulo mdlalo ngoba kuthe ingakapheli ngisho imizuzu emihlanu ezikaKomphela zabe sezifike kaningi emapalini kaRonwen Williams obevimbele izivakashi.

Nakuba lingekho iqembu elidale amathuba angcono kodwa imizuzu yokuqala eyishumi ikhombisile ukuthi Abafana Bes’thende yibona abadlalela ekhaya kwazise yibona abebefika kaningana ezintini zeSuperSport.

Ngomzuzu ka-27, u-Evans Rusike ulivalele enethini elingqofela enethini engamakwe muntu ngemuva kwebola ebelivela ku-Aubrey Modiba.

Kudlule imizuzu emibili uRusike enze lokho noMxolisi Macuphu wenza okufanayo eshaya igoli elifana ncamashi nelokuvula inkundla. Leli belivela kuTebogo Mokoena.

Ngomzuzu ka-33, uWayde Jooste ukhishiwe indawo yakhe yathathwa uMusa Bilankulu.

Iqiniso lapha wukuthi i-Arrows bekufanele iye ekhefini sekonakele kakhulu kwazise uRusike noBradley Grobler bawatholile amathuba kodwa wasebenza uNkosingiphile Gumede. Zize zaya ekhefini kuseyiyona i-Arrows ebukeka sengathi iyahlasela kepha ezikaKaitano Tembo bekuyizo ezihambela phezulu.

Ngomzuzu ka-55 unondweba ubekele i-Arrows iphenathi ibhola lishaya kuClayton Daniels ezandleni. Ithathwe uKnox Mutizwa wayibeka enethini ngoka-56.

Lokhu kubukeke kuyibuyisa i-Arrows ngoba ibisiyingozi nabalandeli bayo sebephapheme.

Ngoka-60 umzuzu, uSeth Perusnath ushaye elokulinganisa ngekhanda kade edlalelwe kamnandi uDanny Venter.

Ubonakale okokuqala kwiSuperSport uGeorge Lebese ongenele u-Aubrey Modiba ngomzuzu ka-67. NoRusike uphumile indawo yakhe yathathwa uJames Keene.

Kungonakele lutho uMokoena ushaye enye yezinguzunga zakhe zamagoli wasala enkemile uGumede obengekho endaweni efanele.