UKUBA nomqeqeshi okholelwa kubadlali yikho okwenza iqembu lesizwe le-netball, iSpar Proteas, libonakale ligila izimanga kwiNdebe yoMhlaba ka-2019 ebanjelwe eLiverpool, e-England.
I-Spar Proteas yenze okungajwayelekile ihlula iJamaica ngo 55-52 emdlalweni wokugcina kaGroup C nokwenze yaqeda iqhwakele eqoqweni layo.
IJamaica ikleliswe ngaphezulu kwamaProteas emhlabeni, endaweni yesibili ngemuva kompetha i-Australia.
La maqembu aye emdlalweni wangeSonto, iNingizimu Afrika inerekhodi elibi uma ibhekene nezintokazi zaseJamaica, kwazise bese kuphele iminyaka eyisikhombisa ihluleka wukunqoba lezi zimbangi.
Emidlalweni ewu-14 edlule elakuleli belisanqobe kabili nje kuphela, lahlulwa kwewu-12.
UPhumza Maweni, odlala indawo ye-goal keeper kwiSpar Proteas, ubonge umqeqeshi uNorma Plummer ngokubeseka.
“Sijabula kakhulu ukuba siwine umdlalo wanamhlanje (ngeSonto). Besazi ukuthi ngeke kube lula kodwa besazi ukuthi sinomqeqeshi osethembayo noma ngabe yini esiyenzayo. Uhlezi esibuka emehlweni esitshela ukuthi asiyokwenza noma ngabe yini esifuna ukuyenza. Besikulindele ukubhekana nanona iyiphi inselelo,” kusho Maweni.
INingizimu Afrika ibekwe endaweni yesihlanu ngokukleliswa emhlabeni okuyindawo engcono uma kubhekwa ukuthi kuleli i-netball isewumdlalo osesigabeni sama-amesha. Yize kunjalo uPlummer uye kwiNdebe yoMhlaba enethemba lokuthi iqembu lakhe lingagcina libalwa namaqembu amane azogcina esele ukulwela izindondo. Elakuleli lagcina ukuthola isiliva ngo-1995 kulo mqhudelwano.
Inselelo esihlalele uPlummer nezintokazi wukugudluza iScotland (abadlale nayo izolo ebusuku), i-Uganda abazodlala nayo kusasa ne-England abazoshikilisana nayo ngoLwesine.
Kuleli qoqo uGroup G okukhona kulona neJamaica, iNingizimu Afrika izobe ilwela indawo yokuqala noma eyesibili ukuze ingene emidlalweni eyandulela owamanqamu.