USEHAMBE waze wabuya e-England, eSpain, naseRussia, wadlalela nelinye lamaqembu amakhulu kuleli kodwa uSiyanda Xulu ubona isizini abe nayo neMaritzburg United iyinhle kunawo wonke aseke wawadlala.
UXulu (26) nozakwabo kwi-United, engenawo umlando wezicoco, baqophe umlando befaka leli qembu laseMphithi okokuqala kowamanqamu, lapho behlulwe khona yiFree State Stars koweNedbank Cup ngempelasonto.
Abagcinanga lapho ngoba babeke iTeam of Choice endaweni enhle eseyake yayithola kwi-Absa Premiership iqeda ilele isine.
Ngenxa yamagalelo akhe lo mdlali odabuka KwaMashu uqokwe emunxeni wePSL Best Defender lapho ebanga khona nophathina wakhe uBevan Fransman nomdlali we-Orlando Pirates u-Innocent Maela. Kuzocaca emcimbini wePSL ngoLwesibili oluzayo eSandton Convention Centre ukuthi ngubani ozohamba nomklomelo.
Ngamagalelo akhe kule sizini uXulu uzithole ebuyela eqenjini lesizwe elizoyibamba kwiCosafa Cup.
“Ngiyithatha njengesizini enhle kimina kuwona wonke ikakhulu uma ngibheka lapho ngiphuma khona. Ngibonga umqeqeshi (uFadlu Davids) nethimba lakhe nosihlalo (uFarook Kadodia) ngokukholelwa kimina,” kusho uXulu.
UXulu ubewukudla kwebhentshi amasizini amabili kwiKaizer Chiefs afike kuyona esuka kwiFC Rostov yaseRussia.
Obengumqeqeshi weChiefs, uSteve Komphela, uhluleke wancama ukumsebenzisa kwacaca ukuthi kumele athole ikhaya elisha uma kuqala isizini ka-2017/2018. Kucacele noma ngubani ukuthi akekho ezinhlelweni zikaKomphela esefakwa ohlwini lwabadlali abachithwayo obekusho ukunqanyulwa kwenkontileka ebingakapheli.
“Kudingeke ukuthi ngiqine ngokomqondo ngamukele isimo. Bekungelula kodwa bekumele ngizenzele mina. Kwesinye isikhathi ukuthatha amagxathu amabili abheke emuva kungafana negxathu elikhulu eliya phambili.”
Lapha kukhulunywa ngomdlali okulokhu aqala ukudlala esigabeni esikhulu kubhekwe lukhulu kuyena njengoba eke wazama inhlanhla kwiFC Barcelona nakwi-Arsenal futhi uke wadlala nakwiMamelodi Sundowns ngaphambi kokuya eRussia
“Ngiyaziqhenya nangeqembu lami. Bekungenzeka ngize lapha kodwa izinto zingenzeki ngendlela engifisa ngayo njengoba kuke kwenzeka eqenjini lami eledlule. Lapho angizange ngithole ukwethenjwa yithimba labaqeqeshi ebengikudinga njengomdlali. Ungaba nalo lonke ithalente kodwa uyakudinga ukukhuthazwa.
“Manje kufana nokuthi ngiciphize inkinobho yokuqala kabusha. Njengoba ngiya kwiBafana ngizoyithatha njengekhempu yami yokuqala,” kusho uXulu.
Uthe ngoba iminyaka isamvumela akakaliphonsi ithawula ngokudlala phesheya kwezilwandle.
“Ngisafuna ukuzihlola ngibhekane nabanye abadlali abahamba phambili emhlabeni. Ngeneme ngokuqokelwa emunxeni womdlali wasemuva ovelele. Ngumzuzu oyisipesheli lona kimina. Ngijabule ngokubuya ngamandla kulandela ukuthwala kanzima kula masizini amabili edlule. Ukuqokelwa kulo mkhakha kuzokwenza ngiye kwelesizwe ngigcwele ukuzethemba ngemuva kokudliwa kowamanqamu weNedbank Cup,” kuphetha uXulu.