UYAYIQONDA ingcindezi abhekene nayo kubalandeli umgadli omusha weKaizer Chiefs, uSamir Nurkovic, onerekhodi elihle lokushaya inethi.
UNurkovic waseSerbia, ungene ngesiwombe sesibili ngesikhathi iChiefs ihlulwa yi-Orlando Pirates koweCarling Black Label Cup ngempelasonto edlule. Ulikhahlelele kanye ipali, ibhola lakhe laphuma phezu kwepali. Abalandeli beChiefs bakhombise ukungenami ngalokho. UNurkovic ushaye amagoli awu-23 emidlalweni ewu-28 kwiKFC Kormano.
IChiefs inengcindezi yokuwina izindebe njengoba izogubha iminyaka ewu-50 yasungulwa ngonyaka ozayo .
“Ngabe nginamanga uma ngingathi angiyizwa ingcindezi. Kodwa uma umdlalo uqala, uzwa umsindo wabalandeli, konke kuyashabalala, kusala wena nebhola nozakwenu. Abalandeli beChiefs bayafana nabakuyona yonke indawo emhlabeni. Bonke abantu bayakuthanda uma wenza kahle, ushaya amagoli. Uma sekuphela imidlalo emithathu ungayishayi inethi wonke umuntu uyakujikela. Kodwa ibhola linjalo,” kusho uNurkovic.
“Ngesizini edlule lapho engisuka khona ngishaye amagoli awu-23 emidlalweni ewu-28, ngakha ayisihlanu. Ngesizini eyandulela edlule, ngishaye amagoli awu-16 emidlalweni ewu-20. Ngidlalele amaqembu amathathu ahlukene eminyakeni ewu-10 eSlovakia. Ngishaye amagoli amaningi. Yilokho okwenze ngagcina ngilapha.”
Nakuba uNurkovic esekubheke ngabomvu ukusiza iChiefs icoshe amaphuzu azoyenza iwine isicoco se-Absa Premiership kodwa kungenzeka azithole eshukusha ibhentshi. Umqeqeshi * -Ernst Middendorp uthe nakuba kuzobonakala iqembu elehlukile uma sebebhekene neHighlands Park kowokuvula iligi kodwa abadlali abasha usafuna ukubanika ithuba lokuzinza nokujwayela indlela iqembu elenza ngayo izinto. Umdlalo uzoba ngeSonto, eMakhulong Stadium, eTembisa, ngo-3 ntambama.
“Kuzoba yiqembu elehluke kakhulu enkundleni. Inkinga ebesibhekene nayo isobala akukona kuphela abebekade belimele nabebekade bengadlali. Sihlala sibheka ukuthi abadlali abasha basheshe bangene egiyeni kodwa akukuningi esisakwenze nabo ngoba sikholwa wukuthi ebesikudinga yizinga eliphezulu abanalo. Sizobanika isikhathi. Akubona bonke abazoshesha ukubonala enkundleni,” kusho uMiddendorp.
Imidlalo ye-Absa Premiership:
NgoMgqibelo: Mamelodi Sundowns v SuperSport United (Lucas Moripe Stadium, 3pm); Baroka FC v Cape Town City FC (Old Peter Mokaba Stadium, 3pm); Chippa United v Stellenbosch (Nelson Mandela Bay Stadium, 3pm); Orlando Pirates v Bloemfontein Celtic (Orlando Stadium, 6pm); AmaZulu FC v Bidvest Wits (King Zwelithini Stadium, 8.15pm)
NgeSonto: Highlands Park v Kaizer Chiefs (Makhulong Stadium, 3pm); Black Leopards v Polokwane City (Thohoyandou Stadium, 3pm); Lamontvile Golden Arrows v Maritzburg United (Sugar Ray Xulu Stadium, 3pm)