UMA kuzofika umakoti omusha ekhaya kuba nentokozo kakhulu ngoba kusuke kulindelwe ukuthi uzofike avuse umuzi aphinde enze yonke into enhle esuke icatshangwa.
Kuyakikizwa kuculwe amaculo amnandi ngosuku lomshado, naye ekhophoze ngaphansi kweveyili uze ubone ukuthi hhiya kuzohlaliswana kamnandi ekhaya ngoba nakhu umakoti unenhlonipho. Ngebhadi-ke akubona bonke omakoti abafike benze lokhu okuhle okusuke kulindelwe kubo, kungakhathalekile ukuthi uhlala nomndeni asuke endele kuwo noma usephume inxiwa nomyeni wakhe.
Abanye bavele bashintshe ngemuva kwezinyanga ezimbalwa baze baliphimise elokuthi abezelanga ukuzoba yizigqila bona. Umakoti umthole esepheka uma kuthanda yena noma apheke ingxavungxavu ngabomu. Kwesinye isikhathi akhuthale enze konke okulindelwe kuye kube mnandi ekhaya kodwa uma sekuvuke iconsi lakhe avele athi: ngikhathele.
Abashaya into ecokeme kakhulu ngokukushiya ubambe ongezansi yilaba abavele baziyele emadiskho bayogruva baze babuye entathakusa njengoba kuthiwa kwenze uBabes Wodumo. Ake ngingagxili kodwa koWodumo ngoba angifuni ukuyingena le ndaba yakhe noMpintsho futhi angifuni bangidle bangifele abesibhuda ngoba abafuni noBabes wabo.
Lapho ngiqonde khona ikule VAR yakhona okuthe uma kuvela ukuthi izokwethulwa kunobhutshuzwayo kwaba nenhlokomo enkulu. Angazike noma kukhona yini ongayazi iVAR kodwa yilokhu okubizwa ngeVideo Assistant Referee kokusiza unompempe osuke ephethe umdlalo ukuthi athathe izinqumo okuyizona enkundleni.
Uyazi ngajabula kakhulu ngesikhathi ngizwa ngale VAR yakhona ngoba kubuhlungu ukuthi iqembu ligcine lishayiwe lalahlekelwa amaphuzu noma liphuma emqhudelwaneni othile, ngenxa yesinqumo okungesona sikanompempe. Ngake ngabhala nakule ngosi ukuthi iyadingeka impela iVAR ngoba nasemidlalweni efana nekhilikithi nebhola lombhoxo banazo izindlela zabo zokubhekisisa ngokucothayo ukuthi kwenzekeni ngempela ngaphambi kokuthi unompempe athathe isinqumo.
Ifikileke iVAR futhi iyasebenza njengoba kuqhubeka imidlalo ye-Uefa Champions League. Ngizokusho nje ngokungangabazi ukuthi angenelisekile ngendlela esebenza ngayo iVAR. Uyazi esikhundleni sokuthi ifike nezisombululo sengathi iza nezinkinga ezinkulu.
Ngibuke umdlalo phakathi kweReal Madrid ne-Ajax Amsterdam ogcine uphele ngo 4-1 ngoLwesibili ebusuku. Ngisale ngibambe ongezansi ngibona indlela okusetshenziswe ngayo iVAR kodwa kwagcina kuthathwe isinqumo okungesona. Ngaphambi kokuthi kungene igoli le-Ajax ibhola liphumele ngaphandle kwenkundla futhi lokho bekucaca kahle uma kubhekwa kwiVAR. Nokho unompempe ugcine ethathe isinqumo sokuthi igoli liyilo.
Kuphindile futhi lokho ngoLwesithathu ebusuku ngawubamba ongezansi ongenhla ngawushiyela amafinyila. Emdlalweni phakathi ParisSaint-Germain (PSG) neManchester United ngimangele unompempe ebeka iphenathi yize bekucaca ukuthi bekuyisinqumo okungesona. Yebo umdlali wePSG limshayile ibhola esandleni kodwa ubefulathele ngakho angikholwa wukuthi bekumele kube yiphenathi.
Kanti le VAR eyani uma kuzokhalwa ngezinqumo okungezona ikhona? Uyazi bengingeve ngilindele ukuthi iVAR yakhona leyo ifike lapha eNingizimu Afrika ukuze kuxazululeke izinkinga nezimanga ezenziwa wonompempe kwi-Absa Premiership. Nokho manje anginalo iqiniso ukuthi iVAR izofika nomehluko nezixazululo ngemuva kokubona izigameko ezenzeke kuleli sonto.
Uyazi iVAR ngiyibona ifana nomakoti okuthi kulindelwe lukhulu kuyena kodwa afike azihambele amadiskho aze abuye ekuseni kufane nokuthi akekho. Ngibona sengathi uma ingafika eNingizimu Afrika iVAR izobaqhatha kakhulu abalandeli uma kuzothathwa izinqumo okungezona njengoba kwenzekile kwiChampions League. Umakoti ongazimisele ngokugana aziphathise okomfazi kuhle ahlale kubo kunokuthi ayobanga ukukhuluma nesiphithiphithi emizini yabantu. Sengathi angisayizwa kahle indaba yale VAR.
- Phansi Emgodini