STHEMBISO NGOBESE
KULINDELEKE ukuba nangale mpelasonto uqhubeke nokushuba umbango wokuzibekisela indawo emidlalweni eyandulela owamanqamu, emaqenjini agijima kwiDStv Diski Challenge.
Njengamanje wobabili amaqoqo akulesi sigaba, okungelokuqala elihlanganise amaqembu akhele izindawo ezigudle ulwandle nelesibili elibophele asezindaweni ezimaphakathi nezwe, kubukeka kungakacaci kahle ukuthi ngabe yimaphi azogcina edlulele phambili.
Eqoqweni lokuqala kushube kakhulu njengoba amaqembu amathathu aphezulu elingana ngamaphuzu ayisishiyagalombili, emidlalweni emine. IStellenbosch FC yisona esiqhwakele, kulandele iMariztburg United endaweni yesibili, AmaZulu FC kweyesithathu. Womathathu la maqembu ahlukaniswe yisimo samagoli nje kuphela.
Eqoqweni lesibili umbango ubukeka uya ngokushuba njengoba kuthe maphakathi nesonto iKaizer Chiefs yadiliza i-Orlando Pirates esicongweni se-log.
Kodwa-ke la maqembu aseSoweto ayalingana ngamaphuzu njengoba eseqoqe ayisishiyagalolunye emidlalweni emine. IMamelodi Sundowns yona ihlezi endaweni yesithathu ngayisikhombisa.
Ngale mpelasonto umdlalo weDiski Challenge, ozobe ubhekwe kakhulu woqhathe iChiefs neSundowns ngeSonto ngo-12 emini, eJohannesburg Stadium, eGoli.
Abafana beChiefs, abaqeqeshwa ngu-Arthur “10111” Zwane, bazokuya emdlalweni behambela phezulu njengoba besanda kubhuquzisa ngo 2-0 iBaroka. Abafana bamaBrazilians, abacijwa nguSurprise Moriri, babambane ngo 0-0 neBlack Leopards maphakathi sento.
Lo mdlalo uzobe ungowamagqubu njengoba ngesikhathi egcina ukuhlangana la maqembu, iChiefs yaxebula ngo 4-2 iDowns.
Imidlalo yeDStv Diski Premiership ngempelasonto:
Kusasa - Ngo-10am: Bloemfontein Celtic v Tshakuma Tsha Madzivhandila (Siwelele Park); Orlando Pirates v Swallows FC (Rand Stadium).
NgeSonto - Ngo-9:30am: Supersport United v Maritzburg United (JHB Stadium).
Ngo-10am: Baroka FC v Black Leopards (Old Peter Mokaba Stadium); TS Galaxy v AmaZulu FC (Tsakane Stadium); Lamontville Golden Arrows v Stellenbosch FC (Sugar Ray Xulu Stadium); Cape Town City v Chippa United (Malta Park); Mamelodi Sundowns v Kaizer Chiefs (JHB Stadium).