UFAROOK Kadodia ongusihlalo weMaritzburg United, uthi amathemba okusinda kweqembu lakhe ezembeni usawabeke ku-Ernst Middendorp yize izinto zibheda okwamanje. Engxoxweni neSolezwe izolo, uKadodia uthe akazisoli nakancane ngokuxosha u-Eric Tinkler, ochithwe yileli qembu ngoNovemba nyakenye.
Uchithwa nje uTinkler, iMaritzburg yayisemsileni kwi-log ngemuva kwemidlalo emihlanu ngaphandle kwephuzu. UKadodia uncamele ukuthi alande uMiddendorp, obekade exoshwe yiKaizer Chiefs kuleli ngemuva kokushwebisa isicoco seligi leli qembu laseSoweto ngomdlalo wokugcina ngesizini edlule.
Ngaphansi kukaMiddendorp (emidlalweni eyishumi), lo mqeqeshi waseGermany usakwazi ukuqoqa kuphela amaphuzu ayisishiyagalolunye. Yize ekwazile ukuthola la maphuzu, kodwa umehluko awumkhulu kangako uma kuqhathaniswa nokwakushiywe uTinkler, kwazise iqembu likunombolo 15 kwi-log.
"Ngeke ngithi ngiyahambisana nokugqoza kwemiphumela kodwa ngingakusho ukuthi ngiyameseka umqeqeshi wethu okhona njengamanje. Bonke abaqeqeshi esibaqashayo siyabeseka lapha eqenjini. Futhi-ke thina sihlukile ngoba umqeqeshi simnika wonke amandla, ekutheni azisayinele (ngokubuka isabelomali sethu), nezinye nje zezinqumo ngaphakathi eqenjini. Akuhambi kahle ngiyavuma kodwa kufanele simeseke umqeqeshi wethu ngethemba lokuthi izinto zizoshintsha. Ngithe uma ngibala nje, ngabona ukuthi sidinga ukuthola ngokushesha amaphuzu ayisikhombisa, bese kuyima siqala-ke sithi sifana nabanye abantu," kusho uKadodia.
Lesi sikhulu siphinde saphumela obala ngokuxosha kwaso uTinkler.
"Angizisoli ngokuhamba kukaTinkler, noma kwaba buhlungu ngoba wayesenzele umsebenzi omuhle kumasizini amabili edlule. Inkinga ukuthi abaqeqeshi kumele nabo bazifundise ukuba neqiniso. Ngeke unikwe yonke into, wehluleke ezivumelwaneni zethu bese kuba wukuthi kufanele izinto ziqhubeke njengokwejwayelekile. Ekugcineni ibhola ibhizinisi," kusho uKadodia.
USandile "AK47" Ndlovu ozakhele igama esadlalela iSwallows FC neMamelodi Sundowns, naye uhambe emazwini kaKadodia ethi uMazinyo usengakwazi ukusiza iTeam Of Choice ezembeni.
"Akonakele kakhulu. Amaqembu angaphezu kwakhe, abashiya kuphela ngamaphuzu amathathu, akulona igebe elingako. Kuphela nje into engiyisola ngaye (uMidddendorp) ukuthi akakabi neqembu elimnqobela umdlalo, azoma nalo. Lokhu kufanele akushintshe ngokushesha ngoba kudala ukuthi abadlali bengathembani. Akathole isikimu yena azofa naso, izinto zizoshintsha," kusho uNdlovu.
I-United izoze idlale kwiligi ngoMashi neBlack Leopards ngemuva kokuhlehliswa komdlalo wayo neSundowns obekumele ube ngale mpelasonto. ISundowns izobe iyibambe kwiCaf Champions League.