UPITSO Mosimane usesulile esikhundleni sakhe njengomqeqeshi we-Al Ahly, ngokusho kwesitatimende esikhishwe yileli qembu lase-Egypt ngoMsombuluko ntambama.
Lo mqeqeshi odabuka kuleli wajoyina iRed Devils ekupheleni kukaSepthemba ngo2020 kanti ubesehlale izinyanga ezingu-21 kuleli qembu.
Iqembu limemezele ukuthi libe nemihlangano nomengameli uMahmoud El-Khatib kodwa bekubukeka sengathi kusahamba kahle ngesikhathi lidalula ukuthi usecele ukusishiya isikhundla sakhe.
"I-Al Ahly noMosimane bafinyelele esivumelwaneni sokuhlukana," kusho isitatimende.
“UMahmoud El-Khatib umengameli weqembu, ube nomhlangano no-Yassin Mansour usihlalo wezebhola kwi-Al Ahly, uHossam Ghaly ilungu lebhodi, namalungu ekomiti lezokuhlela, ukudingida ngekusasa likaMosimane.
“Kulo mhlangano bonke banqume ukuthi lo mqeqeshi aqhubeke nomsebenzi wakhe ne-Al Ahly ngenxa yezinto asezizuzile.
“Nokho, komunye umhlangano (waphambilini) uMosimane ucele ukuhamba futhi wathi ugculisekile ngakufezile neqembu.
“Ngokuhamba kwesikhathi, sicutshunguliwe isinqumo sikaMosimane kwase kunqunywa ukuthi sivunyelwe isicelo sakhe sokuhlukana neqembu. Siyambonga ngakho konke akwenzele iqembu."
UMosimane obekade ekuleli esekhefini emasontweni edlule, ubuyele eCairo ngoMgqibelo kanti ubengekho ebhentshini ngesikhathi bedla iMasry Salloum ngo 1-0 emdlalweni we-Last 16 ye-Egyptian Cup.
Iphini lomqeqeshi uSami Komsan nguyena obehola iqembu kanti sekuqinisekisiwe ukuthi uzoqhubeka nokuba yibamba.
Selokhu afika kwi-Red Devils ephuma kwiMamelodi Sundowns, uMosimane unqobe imidlalo engu-65, wadlala ngokulingana kwengu-22, wahlulwa kweyishumi.
Unqobe nawo izicoco ezimbili zaCaf Champions League, ezimbili zeCaf Super Cup, esisodwa se-Egyptian Cup ne-Egyptian Super Cup. Ngaphezu kwalokho uphinde wazuza izindondo zethusi kabili kwiFifa Club World Cup.
Amahlebezi okuthi angase ahambe aqala ukusabalala e-Egypt ngemuva kokuthi leli qembu likhale ngaphansi kowamanqamu weCaf Champions League ngoMeyi 30, liguqiswa yiWydad Athletic yaseMorocco ngo 2-0.
Ube esethatha ikhefu wavakashela eNingizimu Afrika emasontweni amabili edlule lapho ekhulume khona ngezinhlelo zakhe zePitso Mosimane Soccer Schools nezinye izindaba zebhola.
Usuke lapho wadlulela eRabat, eMorocco, ngesonto eledlule eyoqhuba izifundo zeFifa/Caf Pro Licence nabanye abaqeqeshi abaziwayo base-Afrika.