UGAVIN Hunt ubalise ngezinkinga ezihambisana nokuthembela kubadlali bokubolekwa nalabo abatholakala mahhala kulandela ukunenebulwa kwakhe yiqembu elamxosha, iKaizer Chiefs, ngo-4-0 koweDStv Premiership ngempelasonto.
UHunt, oseqeqesha i-United, ukhale ngezinto eziningi ngemuva kokushaywa ngale mbudlu eFNB Stadium abebuyela kuyona okokuqala kusukela ekhonjwe indlela kwiChiefs ngasekupheleni kwesizini edlule.
Ngemuva kwalo mdlalo, uHunt wenqabile ukuphawula ngencwadi esanda kubhalwa nguSihlalo weChippa, uSiviwe Mpengesi, abezwakalisa kuyo ukweseka lo mqeqeshi. UMpengesi usedume ngokunganqeni ukuxosha abaqeqeshi noma ngabe imidlalo isephansi kangakanani.
Nakuba engazange aphawule ngalokhu kodwa uvumile ukuthi ukuxoshwa sekuyinto ahlale eyilindele.
“Indlela okwenzeke ngayo ngiqala ngqa ukuxoshwa empilweni yami ngesizini edlule yenza ngihlale ngikulungele ngaso sonke isikhathi,” usho kanje sakuncokola esithangamini nabezindaba uHunt.
“Kusemqoka ukuthi nikhumbule ukuthi kwiChippa siphoqelekile ukusebenzisa abadlali bokubolekwa kumbe labo esibathola bengenawo amaqembu. Lokhu kudalwa yindlela iqembu eliyiyona futhi ayikho into entsha lapho.
“Ngaleyo ndlela yokuthola abadlali ebesizoqinisa ngabo, ngithole uPhakamani (Mahlambi) ngokubolekwa noRodney (Ramagalela) mahhala kodwa bobabili bazodlala umdlalo owodwa phakathi kwabo kule sizini.
“Sebeyoze babonakale ngesizini ezayo bobabili ngenxa yokulimala ngakho-ke angakhuluma othandayo kodwa lesi yisimo esibhekene naso okwamanje,” kulandisa uHunt.
UMahlambi, osemabhukwini eMamelodi Sundowns, udlale kowodwa weligi kwiChippa njengoba kuthiwa ngeke esabonakala kanti uRamagalela, ogcine ukubonakala kwiBlack Leopards, ubengakalithinti kule sizini.
Kulo mdlalo ngisebenzise noRoscoe (Pietersen) oseneminyaka ecela kwengu-10 agcina ukudlala esigabeni esikhulu.
“Nakhona simthola ngoba akukho mali obekufanele siyikhokhe ngaye. Zikhona izinkinga kodwa ngiyazi zingalungiseka uma nginganikwa isikhathi,” kusho Hunt.
Lo mqeqeshi ukholelwa ekutheni angagila izimanga ngeChippa uma enganikwa kahle ithuba elanele.
“Siyazama ukuhlanganisa ngalaba abakhona ngenxa yokubolekwa nalabo esibathole mahhala. Ngiyazi kuzothiwa ngiyasangana ekhanda kodwa singayiwina iligi ngaleli qembu uma singathola abadlali abafanele.
“Okunye ukuthi udinga isikhathi ukwenza into efana naleyo manje-ke isikhathi yisona esingekho,” kusho uHunt.