SITHEMBISO MKHIZE
INJINI yomdlali odabuka KwaMashu, eThekwini, uThabo Cele (24), ithi ngeke ilenze iphutha lokubuyela kuleli lingakafezeki iphupho layo lukuyodlala e-England.
Kusukela ekuqaleni kwesizini edlule kuvele imibiko ethi lo mdlali ufunwa yiMamelodi Sundowns, iMaritzburg United naMaZulu FC.
Ezakamuva zithi neKaizer Chiefs kayizibekile phansi, imfuna eNaturena. Emaqenjini aphesheya kuvela negama leFC Porto kwamfunayo.
Maphakathi nesizini edlule, emashini yabalandeli beziMpofana, bakuveza ukuthi ungomunye wabadlali abamfunayo. Abanye nguSipho Mbule noTebogo Mokoena beSuperSport United. Baze bathi bangashaya nendishi ukulekelela iChiefs ekusayiniseni laba badlali.
Okwenza ande amaqembu okuthiwa afuna lo mdlali wukungabi naqembu kwakhe.
Usanda kuhlukana neC. D Cova da Piedade edlala kwiLiga 2 yasePortugal.
Ekhuluma neSolezwe eseTokyo, eJapan, kuma-Olympic Games, uCele uthe usayizwa ngabantu indaba yokuthi iChiefs iyamfuna.
“Okwamanje ngisagxile kuma-Olympics. Uma ngiqeda ngizobe sengixhumana nemenenja yami mayelana namaqembu angifunayo. OkweChiefs ngisakuzwa ngabantu. Imenenja yami beyingakaze isho lutho. Nendaba yeSundowns, AmaZulu neMaritzburg ngiyizwa emoyeni,” kusho uCele.
Uthe nakuba ekuzwa ukuthi ufunwa ngamaqembu akuleli kodwa usafuna ukugxila phesheya.
Uveze nokuthi ngaphambi kokuhamba kwiC. D Cova da Piedade, akhona amaqembu azwakalise ukumfuna.
Uthe kukhona nawangaphandle kwasePortugal.
"Nemenenja yami iyazi ukuthi angikakathandi ukubuyela ekhaya. Iphupho lami ukuyodlala e-England noma eSpain ngelinye ilanga. Ukubuyela ekhaya kungahle kulishabalalise leli phupho. Ngizoqhubeka nokuphendla indlela khona e-Europe," kubeka uCele okhiqizwe yiKZN Academy.
Nakuba ebukeka eseshabalele amathuba eqembu lakuleli kuma-Olympic kodwa uCele uthole okukhulu ukunconywa ngendlela adlale ngayo. Elakuleli selihlulwe emidlalweni emibili yamaqoqo, iJapan neFrance. Kusasa lizodlala kowokugcina neMexico.
"Ngibonga kakhulu kubantu baseNingizimu Afrika ngokungeseka. Ngiyibonile i-video okuhlanganiswe kuyo amaphasi ami ngesikhathi sidlala neJapan. Ingigqugquzele kakhulu. Ngiyathembisa ukuthi ngizoqhubeka nokusebenza kanzima. Ngiphatheke kabi kakhulu sidliwa yiFrance (ngo-4-3). Lowa mdlalo bekumele siwunqobe. Sibe nebhadi.“
Uthe unethemba lokuthi ukudlala kuma-Olympic kuzomvulela amathuba emaqenjini amakhulu e-Europe. Uveze nokuthi unethemba lokuthi umqeqeshi weBafana Bafana, uHugo Broos, ngeke amzibe.