UKAPUTENI weqembu lesizwe iBafana Bafana uThulani “Tyson” Hlatshwayo, ubeka izaba ngokuphoxa kweqembu lesizwe, liboza emidlalweni yesihle emibili yakamuva. Uma kungaya ngendlela iBafana edlale ngayo imidlalo yakamuva emibili, abukeka emancane amathuba okuthi leli qembu lizohlungela ngempumelelo i-Africa Cup Of Nations (Afcon) ka-2021 neNdebe yoMhlaba ezodlalelwa eQatar ngo-2022.
EzikaMolefi Ntseki zidlale ngokulingana neNamibia (1-1) ngesonto eledlule, ngaphambi kokushaywa iZambia ngo 2-1 ngempelasonto. UNtseki uzamile ukunika cishe bonke abadlali ithuba lokuzibonakalisa, kodwa yaphika imiphumela.
Ngokusho kukaHlatshwayo, ikhefu elidalwe igciwane iCorona, liphenduke isitha sabo esikhulu kule midlalo emibili yesihle. Uthembise ukuthi bazobuya ngamandla emidlalweni elandelayo ngoba bawabonile amaphutha.
IBafana izodlala neSao Tome and Principe kabili ngoNovemba kuhlungelwa i-Afcon.
“Umqeqeshi ubefuna ukunika bonke abadlali ithuba. Umdlalo wethu neZambia awubi ngowesihle ngoba amazwe omabili ayathanda ukuklolodelana ngokunqoba. Sibuye ekhefini lamasonto amabili, ngemuva kokuhlala kwi-Bio bubble inyanga yonke. Sihlale kuphela amasonto amabili ekhempin. Besazi ukuthi abadlali abaningi basazama ukubuyela ekuziqeqesheni kahle. Kucacile ukuthi ababukhali njengemihla. Nebhola besingalihambisi njengokwejwayelekile. IZambia ibingcono kunathi ububona ukuthi sebenesikhathi eside besekhempini,” kusho uHlatshwayo.
Okucacile ngemuva komdlalo neZambia, wukuthi abalandeli bakanobhutshuzwayo abeneme ngebhola elidlalwa ezikaNtseki. Ezinkundleni zokuxhumana, iningi beligxeka ukuqashwa kukaNtseki kwelesizwe, bethi akumfanele ukuhola iBafana.
Selokhu ethathe izintambo, usebambe amatomu emidlalweni emihlanu. Unqobe emibili, wadlala ngokulingana kowodwa, washaywa kwemibili.
“Kuhle ukuthi imidlalo yeligi isizoqala ukuze abadlali badlale njalo babuyele kwesibazela kona ngaphambi kwemidlalo neSao Tome neGhana (ngonyaka ozayo). Akukuhle ukuthi sishayiwe noma omunye angathi bekungumdlalo wobungani kodwa akukuhl. Kubalulekile ukuthi uma ulungisela imidlalo yokuhlunga unqobe imidlalo yesihle, ukuze uzethembe,” kusho uHlatshwayo.