ICeltic ikhononde kwiPremier Soccer League ngokufakwa ohlwini kukaLangerman obenamakhadi aphuzi amane emdlalweni egcine ihlulwe kuwona ngo 1-0 ngempelasonto edlule. NgoLwesibili, umshushisi wePSL uNande Becker uveze ukuthi ulinde isikhulu esiphezulu senhlangano uMato Madlala ukuthi acacise ngokuzokwenzeka phakathi kokulandela umgudu ojwayelekile nokuqonda kumahluleli. Izolo iCeltic ithe udaba selukumahluleli.
“Icala lethu neMamelodi Sundowns selidluliselwe kumahluleli. Iqembu lizolumemezela usuku uma seluqinisekiswe yiligi,” kusho isitatimende seCeltic.
Nakuba kukhona abafuna ukubona kwenziwa isibonelo ngeSundowns ngokuthi iphucwe indebe kodwa kungenzeka igcine ngokuhlawuliswa ngoba iCeltic ayizange imangale ngaphambi kokuqala komdlalo. Nokho iligi inomsebenzi wokuqinisekisa ukuthi ayiphulwa imithetho amaqembu adlala ngaphansi kwayo. Kusukela kusuke lokhu kukhuluma, iSundowns ayikaze iphawule. Umqeqeshi, uPitso Mosimane, wathi akahlangani nokwenzeka ehhovisi.
ISundowns ayiqali ukuba senkingeni ngomdlali nePSL kwazise ngesizini ka-2018/2019 yahlawuliswa ngokulanda uWayne Arendse ezihlweleni, yamfaka enkundleni kulandela ukulimala kukaThapelo Morena iqembu lisazifudumeza.
Kwakubhekwe ukuthi iSundowns izophucwa amaphuzu kodwa kwagcina kungenzekanga ngoba iBidvest Wits ayisifakanga isimangalo. Ngesizini edlule yahlawuliswa ngokungaziphathi kahle komdlali wayo uGaston Sirino owashaya abadlali beSuperSport United uDean Furman noClayton Daniels emdlalweni weMTN8.
Ngokwemigomo yeNational Soccer League, iSundowns uma itholwa inecala ingajeziswa ngokuthola isexwayiso, ukukhokha inhlawulo yemali noma iphucwe umklomelo.