INJINI yeMarumo Gallants, uCelimpilo "Zidane" Ngema, ibona ukwenza kahle kwiCAF Confederation Cup kuzobanika umfutho wokushintsha isimo ababhekene naso kwiDStv Premiership.
UNgema ushaye amagoli amabili ngesikhathi behlula izinkunzi zaseDemocratic Republic of Congo (DRC) i-AS Vita emdlalweni womlenze wokuqala wokuhlungela amaqoqo ekhaya.
Uyena uNgema owasiza iGallants ngamagoli amabili ngesikhathi ikhipha iFuturo Kings yase-Equitorial Guinea emzuliswaneni wokuqala wokuhlunga. Nakuba iGallants yenza kahle kwiConfederation Cup kodwa ziyabhimba izinto kwiPremiership kwazise itabalasa ngasemsileni we-log kwiPremiership. Ayikaze iwine nowokubika umdlalo weligi.
IGallants izobhekana neRoyal AM emdlalweni weligi ePeter Mokaba Stadium, eLimpopo, namuhla, ngo-3.30 ntambama. Inamaphuzu amabili kuphela emidlalweni emihlanu yeligi.
"Kwiligi akuhambi kahle kodwa imidlalo yeCAF izokwenyusa ukuzethemba kwethu. Izosisiza ukuthi siqale ukuwina kwiPremiership. Okwamanje asikabi nayo inhlanhla. Inkinga esibhekene nayo eyokushaya amagoli. Okungithobayo wukuthi siyawakha amathuba kodwa asiwasebenzisi. Uma singawasebenzisi amathuba ngeke siyiwine imidlalo. Kodwa ngeke kuhlale kunjena," kusho uNgema.
Emuva komdlalo weligi iGalaxy izophikelela eDRC iyozama ukuqedela umsebenzi kwiConfederation ngoLwesihlanu. IGallants idinga ukugwema ukungenelwa yigoli noma idlale ngokulingana neVita ukuze ingene esigabeni samaqoqo seConfederation Cup.
"Sizibeke ethubeni elihle ngokuthi sizoya ekuhambeni kukhona amagoli amabili esiwaphethe. Ngendlela abadlale ngayo angiboni kuzoba nzima ukubehlula ekuhambeni. Bakhombisile ukuthi bayiqembu elikhulu ngendlela abebehlasela ngayo futhi banabadlali abangabawinela umdlalo. Kodwa thina kufanele sishaye igoli uma sifika ekuhambeni ukuze sizibeke ethubeni elihle lokungena esigabeni samaqoqo. Lokho kungaba yinto enkulu kimina naseqenjini kwazise ngiyaqala ukudlala kwiCaf," kusho uNgema.