UMQEQESHI wokuqala ukunqoba isicoco sePremiership, uGordon Igesund, usonga ngokushaya ibuya ukuze aqede ukuchanasa kukaPitso “Jingles” Mosimane weMamelodi Sundowns, ogile izimanga eqoqa izicoco ezintathu ngesizini edlule.
U-Igesund owanqoba neManning Rangers isicoco seligi ngo-1996/97, utshele Isolezwe ukuthi uzovumbuka kwiDStv Premiership ngesizini ka-2020/2021.
Lo mqeqeshi owayehamba phambili ngokunqoba isicoco seligi amahlandla amane, uveze ukuthi usaxoxisana namaqembu athile futhi unethemba lokuthi kuzobuyelwa ensimini eseqede konke nelinye lawo.
U-Igesund ogcine ukubonakala ngo-2017 kwiHighlands Park, uthe ubematasa nokusungula inkulisa yakhe iHamiltons Football Academy ezinze, eCape Town.
Ubongele uMosimane ngokwephula irekhodi lakhe lokuqoqa izicoco ezine zeligi. Abanye abanqobe izicoco ezine zeligi nguTed Dumitru ongasekho, noGavin Hunt.
Kwisizini ka-2019/20, uMosimane unqobe isicoco seligi ihlandla lesihlanu wabhansela ngezimbili, eseTelkom Knockout neseNedbank Cup.
U-Igesund uthe njengoba ebuya uzokuqeda nya ukuchanasa kukaMosimane onqobe neCaf Champions League ngo-2016.
“Ngiyabuya, ngizobuyisa irekhodi lami. Ukuqhudelana kuhlale kuyinto enhle nekhulisa iligi. Bazokutshela oGavin Hunt noMosimane, empeleni bonke abaqeqeshi bazovumelana nami,” kubeka u-Igesund.
Kumaqembu ePremiership angenabo abaqeqeshi iBlack Leopards okubambe uMorgan Shivambu noMongezi Bobe abayisindise ezembeni. ITshakhuma Tsha Madzivhandila ethenge isitifiketi seBidvest Wits, nayo ayinamqeqeshi.
UMosimane isicoco seligi usinqobe neSundowns kumasizini ambalwa, eka-2013/14, 2015/16, 2017/18, 2018/19 nakweka-2019/20.
U-Igesund owake waqeqesha neBafana Bafana usinqobe neRangers, Orlando Pirates (2000/01), Santos (2001/02) naneSundowns ngo-2006/07.
Wake waqeqesha ne-African Wanderers, Moroka Swallows, SuperSport kanti uzwakalise ukujabula ngokuya kweyase-Afrika kwawo womathathu amaqembu amakhulu kuleli.
“Ukuya e-Afrika kweSundowns, Chiefs nePirates kuzosiza kakhulu iqembu lesizwe. Abadlali bethu bazothola ithuba lokungcweka nofishi abakhulu base-Afrika. Bazothola isipiliyoni esingabavulela namasango e-Europe. Negama leligi yethu lizomaketheka kakhulu. Kuzocaca ukuthi yiliphi iqembu elihlelekile. Kulokhu akekho ozosola omunye, ngokukhala ngokukhathala nangokunye. Wonke umuntu uzozwa lokhu kuhlukumezeka okwenzeka emidlalweni yase-Afrika,” kusho * -Igesund.