IKAIZER Cheifs isikuqedile ukuqagela ngozothatha izintambo zokuqeqesha leli qembu ngemuva kokuthi imemezele uGavin Hunt ngoLwesine ntambama.
Abemaningi amagama abendiza emoyeni ngozovala isikhathi sika-Ernst Middendorp oxoshwe ngoLwesithathu olwedlule kwiChiefs ngemuva kokuhluleka wukunqoba isicoco se-Absa Premiership.
Amakhosi aphunyukwe yiqatha ngemidlalo yokugcina ebanjwa iBaroka FC ngo 1-1 ngesikhathi iMamelodi Sundowns engompetha beligi, ibhaxabula iBlack Leopards ngo 3-0 kowayo umdlalo wokugcina.
Amanye amagama abebalwa kwabangase bathathe umsebenzi wokupheka iChiefs bekukhona uBenni McCarthy no-Adel Amrouche wase-Algeria.
Kodwa isitatimende seChiefs sikuqinisekisile ukuthi uHunt uyena ogcine edle umhlanganiso.
“Lo mqeqeshi ozalwa eKapa ngeke esapholisa maseko ekuthatheni lo msebenzi wakhe. Uzoqeqesha iqembu elikhulu laMakhosi amasizini amathathu,” kusho isitatimende seChiefs.
UHunt obeyibamba kwiBidvest Wits kumasizini ayisikhombisa edlule, usenqobe izicoco ezine zeligi, ezintathu azithathe neSuperSport United, esinye wasinqoba neZitshudeni.
KwiChiefs uhlalelwe wumsebenzi onzima wokubuyisa injabulo kubalandeli bayo osekuphele iminyaka iqembu labo lihluleka wukubanikeza indebe.
Amakhosi agcina ukubhiyozela ukunqoba ngesizini ka-2014/2015 kusakhona uStuart Baxter owashiya ngemuva kokuwina iligi neMTN 8.
Kusukela lapho kuqhuma isililo kuphela eNaturena, izindebe azibonwa.
Usihlalo waMakhosi uKaizer Motaung uthe basicubungule kahle isinqumo sokuqasha uHunt.
“Sisibheke kabanzi isimo sethu kanjalo nezidingo zethu ngaphambi kokunquma ngoGavin. Ngenxa yokuthi iCovid-19 isiphoqe ukuthi siqede isizini sidlala kwi-bio buble nokuthi isikwati sizoba namasonto amabili kuphela okuphumula ngaphambi kokuqala kwamalungiselelo esizini entsha, besimdinga umqeqeshi oqondayo isimo sasekhaya kanjalo nemakethe yethu. Ngiyakholwa wukuthi kuHunt silethe umuntu onesipiliyoni esanele kanjalo nomfutho wokukwenza lokho,” kusho uMotaung.
Kuthiwe amaphini kaHunt azomenyezelwa maduze. Kuzokhumbuleka ukuthi ibhantshi ligcwale umoya nakuShaun Bartlett obeyiphini likaMiddendorp.