ZAKHELE XABA
UNOZINTI weHighlands Park, uTapuwa Kapini, uphosele inselelo amaqembu yokuthi afunde kwiMamelodi Sundowns indlela yokuphatha izinkontileka zabadlali.
UKapini waseZimbabwe ngomunye wabadlali abangomakadebona abaphelelwa yizinkontileka eqenjini okusabalele ukuthi selidayiselwe uTim Sukazi weTS Galaxy nakuba abaphathi bephika ukuthi usekhokhile. Abanye abaphelelwa yizinkontileka kwiLions of The North nguReneilwe Letsholonyane, Musa Nyatama noBevan Fransman.
“ISundowns yikho yenza kahle, izinto ezithinta izinkontileka zilungiswa kusenesikhathi. Ngaleyo ndlela umdlali ugxila emsebenzini wakhe ensimini.
“ISundowns inikeze uHlompho Kekana inkontileka yeminyaka emine kusephakathi nesizini. Ayilindanga ize iphele. Kufanele amaqembu abatshele abadlali kusasele okungenani izinyanga eziyisithupha ukuthi azobagcina noma azobakhulula ukuze baqale ukuthungatha umsebenzi kwezinye izindawo.
“Amaqembu awakwenzi lokhu. Kodwa uma usayina inkontileka yesibambiso nelinye iqembu ukhishwa inyumbazane. Ayibhekwa ngendlela yokuthi uzama ukuthi ungahlali ungasebenzi.
“Amanye amaqembu awakutsheli lutho. Uvala isizini ungazi noma uzobuya noma ngeke iqembu lisakudinga. Uma uyofuna iqembu sekuqale isizini, wonke amaqembu asekutshela ukuthi asegcwele.
“UKennedy Mweene (35) unguntanga yethu. Ukhululekile kwiSundowns ngoba konke kulungiswa ngesikhathi. Akanalo uvalo ngekusasa lakhe. Uma ungumdlali ophethwe kanjalo uyalifela iqembu.
“Ngifisa namanye amaqembu ayifunde le ndlela yokuphatha abadlali ngoba kugcina kulahleke abanekhono ngenxa yokuntunta sebekhululwe emuva kwesikhathi.”
Mayelana nezindaba zokudayiswa kweqembu uKapini uthe akukho abaphathi ababatshele khona.
“Emuva komcimbi wokuklomelisa abadlali sikhulumile nabaphathi bathi asilinde bazosazisa emuva kwamasonto amabili kuya kwamathathu. Kumanje asazi noma iqembu lizogcina lidayisiwe noma cha kodwa sihlalele ethembeni.”
Phezu kokuba kungakaqinisekiswa ukudayiswa kweqembu kodwa ngempelasonto kuthiwe selidayisele iSundowns ukaputeni uMothobi Mvala nomgadli uPeter Shalulile owole imiklomelo emcimbini weqembu.
UShalulile uwine umklomelo wePlayer of The Season, Top Goal Scorer neChairman’s Award. KwiPremiership uzohlukaniselana noGabadinho Mhango oweLesley Manyathela Golden Boot emuva kokushaya awu-16 umdlali emunye.