Mamelodi Sundowns (1) 2
Kaizer Chiefs (0) 0
IMAMELODI Sundowns ivuke ngeKaizer Chiefs iyithela isibhaxu emdlalweni weDStv Premiership ngeSonto eLoftus Versveld.
Ompetha beligi bangene enkundleni kade babehlulekile wukuthola igoli emdlalweni wabo wokugcina weligi bebambana ngo-0-0 neChippa United.
Kulo mdlalo oshube zisuka, igoli lokukuvula inkundla lishaywe ngekhanda uGrant Kekana ngomzuzu wesishiyagalombili kade kuyi-freekick kaLyle Lakay.
Yize womabili amaqembu eqale ngomfutho ofanayo kodwa ukulula imilenze iSundowns ekuthole kwiMTN 8 ibhekene neLamontville Golden Arrows ngesikhathi iChiefs ihleli, kuyisizile kwazise iyona esheshe yakhululeka.
Esiwombeni sokuqala, uThemba Zwane obebuya ekulimaleni uqhamuke neminyakazo eminingi eyingozi emapalini kaBruce Bvuma obevimbele iChiefs.
Okusheshe kwacaca ukuthi womabili amaqembu afike emdlalweni ekulungele ukuthi azodlalela ukuqoqa amaphuzu agcwele.
IChiefs iyona ebuye ekhefini ikhombisa izimpawu zokuba ngcono kodwa nakulokhu belusaqinile udonga lwasemuva lweSundowns njengoba kwenzekile kuSifiso Hlanti egezwa uDenis Onyango ngomzuzu ka-57.
Iphinde yaphoxeka futhi ngomzuzu ka-63 iChiefs, ngesikhathi uNeo Maema obesanda kungenela uGaston Sirino egobela uPeter Shalulile ibhola elihle, labhajwa ezintanjeni.
Ngemuva kwaleli goli, iSundowns ibisizenzela maphakathi nenkundla obekwenza amathuba eChiefs aye ngokuncipha.
AmaKhosi athole iphenathi ethathwe uLebogang Manyama kodwa wayishweba kade idalwe uRivaldo Coetzee, ovimbe ibhola ngesandla ngomzuzu ka-80.
Umdlalo uqhubekile nokuvutha ngendlela oqale ngayo kodwa akubange kusaba khona amanye, unompempe waze wayishaya eyokuqeda umdlalo, kwehla izihlathi kuMakhosi abuyele eNaturena engaphethe lutho.