I-KAIZER Chiefs ifuna uqokelwe olunye usuku umdlalo weCaf Champions League neWydad Casablanca yaseMorocco obekufanele udlalwe ngempelasonto edlule ekuhambeni.
Amakhosi anqatshelwe ukungena eMorocco ngenxa yokudlanga kobhubhane iCovid-19 eMzansi. NgoMsombuluko, iWydad iphakamise ukuthi lo mdlalo udlalelwe komakhelwane bayo, i-Egypt abavumile ukuwusingatha lo mdlalo enhlokodolobha eCairo phakathi kukaFebhuwari 15 no-20. ICaf ibikade inike iWydad amahora angu-24 ukunquma ukuthi izowudlala kuphi lo mdlalo wokuvula wamaqoqo kaGroup C.
Izolo, iChiefs ikhiphe isitatimende icacisa ngesinqumo sayo emuva lokuthola incwadi evela kwiCaf.
"Incwadi ethunyelwe ithi umdlalo ophakathi kwala maqembu womabili kufanele udlalwe ngoLwesihlanu, Febhuwari 19, e-Al Salam Stadium, e-Egypt. IChiefs isiyiphendulile incwadi yaveza izingqinamba ezimbalwa ezizosivimba ekutheni siyodlala ngalolu suku oluphakanyisiwe elusezinsukwini ezintathu ezizayo."
Isitatimende seChiefs siqhubeka sithi: "Izizathu ezimbili ezimqoka, yizinselelo zokuthola ama-visa nezinhlelo zokuhamba. Njengoba sinikezwe izinsuku ezintathu, iqembu lisazobhekana nezinkinga ezifanayo emahhovisi enxusa lase-Egypt ngoba kuthatha kusukela ezinsukwini eziyisikhombisa ukuphasiswa kwe-visa ezosivumela ukuya e-Egypt. Ukuthola izindiza ngemizuzu yokugcina kuzoba yinselelo kwazise ezinye izinkampani azisebenzi ngenxa yemigomo yeCovid-19. Ngenxa yalokhu okungenhla, lokhu kungaba nomthelela ongemuhle emdlalweni weChampions League neHoroya ngoLwesibili lwango-23 Febhuwari 2021. Iqembu liphakamisa ukuthi umdlalo udlalwe ngesinye isikhathi kwazise lokhu kuzokwenza siyidlale yonke imidlalo yeChampions League ngo-23 Febhuwari nango-5 March."
Amakhosi aveze ukuthi azosho uma iCaf isibuye nosuku oluzovumelana nezinhlangothi zonke.
Namuhla ngo-3 ntambama, iChiefs izokwamukela AmaZulu koweDStv Premiership eFNB Stadium, eNasrec.