NGEKE zidingeke izibalo njengoba bekuhlale kwenzeka eminyakeni edlule uma iBafana Bafana isiyela ngasemaphethelweni emidlalo yamaqoqo kweyokuhlungela ukuzibekisela indawo emiqhudelwaneni emikhulu.
Kuzothi kusasa iBafana ibhekane neNigeria kowandulela owokugcina eqoqweni lokuhlungela ukuzibekisela indawo kwi-Africa Cup of Nations (Afcon) ezokuba seCameroon maphakathi nonyaka ozayo. Umdlalo ungo-3 ntambama eFNB Stadium, eGoli.
Sekufana nesiko ukuthi abathandi bebhola eNingizimu Afrika basebenzise imishini yokubala uma sekuyela ngasemaphethelweni emidlalo yokuhlunga.
Kubukeka kungeke kudingeke lokhu ngoba iqembu likaStuart Baxter likuqonda kahle okumele likwenze emdlalweni wangoMgqibelo noma kowokugcina ozokuba sekuhambeni neLibya.
Njengamanje iBafana isendaweni yesibili kuGroup B ngamaphuzu ayisishiyagalombili ngemuva kwemidlalo emine. Kusele emibili ukuthi iqede.
Kuze kube yimanje ezikaBaxter yizona kuphela ezingayazi induku kuleli qoqo. Nakuba kunjalo kodwa kufanele ukuthi kubaphathe kabi noma kubaphoxile ukuhluleka kwabo ukuqoqa amaphuzu agcwele kwiLibya ekhaya nakwiSeychelles ekuhambeni.
Yize kunempoxo ngenxa yemiphumela yale midlalo (oweLibya ekhaya noweSeychelles ekuhambeni) kodwa iBafana ingabuyela eqhulwini kuGroup B uma izophumelela ukushaya iSuper Eagles. Akukhona kuphela ukubuyela esicongweni okufanele kukhuthaze iBafana kepha ukunqoba nje kuphela ngoba uma yenze lokho izobe isizibekisele indawo eCameroon.
Uma ikwenza lokhu iBafana izoba namaphuzu awu-11 okuzobe kuchaza ukuthi iLibya neSeychelles ngeke besayidlula ngisho bangayinqoba yonke imidlalo yabo esele.
Ngisho ingadlala ngokulingana iBafana kwakhona lokho kungabe kwanele uma nje iSeychelles ingeke ihlulwe yiLibya edlala nayo kulesi siqhingi esidume ngamabhishi amahle. Uma iSeychelles ingamangaza abaningi inqobe kwiLibya ekhaya, iBafana isingazibekisela indawo ngisho ngabe ishayiwe yiNigeria.
Mancane nokho amathuba okuthi iLibya ishaywe uma kuzoyiwa ngefomu. Konke lokhu uma kubekwa ngendlela elula, uma iBafana ingayitholi induku kule midlalo yayo emibili esele kuqala ngalo wangoMgqibelo, izobe isizibekisele indawo eCameroon ngonyaka ozayo. Uma kungenzeka ishaywe kowodwa wale midlalo, kungenzeka zidingeke izibalo ngoba ukuya kwayo eCameroon kuzobe sekuncike nakweminye imiphumela.