IQEMBU laseNingizimu Afrika lekhilikithi amaProteas lenze elidume ngako uma lidlalela enkundleni yaseThekwini, iKingsmead, njengoba liphinde ladedela iwini seliyiphethe ngezandla kwi-test yokuqala abakhale ngaphansi kuyona ngewikhethi eyodwa bebhekene neSri Lanka.
IKingsmead yinkundla yenhlanhla kwiSri Lanka kanti eyamashobolo kumaProteas. Lokhu kuphinde kwagcwaliseka ngesikhathi uKusal Perera egila izimanga ewinisa iqembu lakhe kade kungekho nokuncane okukhomba ukuthi linganqoba. Le bekuyiwini yesibili ye-test yeSri Lanka kule nkundla kwazise ngo-2012 iSri Lanka ihlule amaProteas abeholwa uGraeme Smith.
Kuzokhumbuleka futhi ukuthi nango-2003 ngesikhathi amaProteas ephuma kabuhlungu koweNdebe yoMhlaba, agilwa yiSri Lanka futhi kwakudlalelwa eKingsmead. Isiyonke imidlalo yamaProteas ayigijime kule nkundla iyisishiyagalolunye, anqoba emibili athola isibhaxu kweyisikhombisa.
Ngesikhathi uPerera eshaya ibhola liya ezintanjeni kushwiba uKagiso Rabada ngaphambi kokuthi abadlali baye etiyeni, ubeqinisekisa ukuthi iSri Lanka iyawunqoba umdlalo ngewikhethi eyodwa. Akuzange kukholakale lokhu uma uzokhumbula ukuthi iwikhethi yesishiyagalolunye yamaProteas ayithole iSri Lanka ishoda ngama-runs angu-78 kungasasele muntu. UPerera noVishwa Fernando abebhetha naye bewinisa iSri Lanka, ama-runs abawahlanganisile abenza irekhodi lokuba amaningi kunawo wonke ehlanganiswa abadlali bokugcina.
Ngokwabathandi bekhilikithi baseNingizimu Afrika, lo mphumela uyimpoxo ebabazekayo ngokomqondo nasekuzithembeni nje ngaphambi kokuqala kweNdebe yoMhlaba. Nakuba kuyindlela ehlukile yokudlala kodwa amaphutha abenziwa ukaputeni uFaf du Plessis emisa abantu ezindaweni ezingafanele obekwenza uPerera azidalele, kushiye imibuzo ngokuqina kokhakhayi kuyena ngaphambi kwalo mqhudelwano weNdebe yoMhlaba.
Bekungokwesibili emlandweni uPerera ehlanganisa am-runs angaphezulu kwayikhulu. Akungatshazwa futhi ukuthi indlela adlale ngayo ngeke aphinde ayikhohlwe. Uhlale enkundleni amahora amahlanu ebhekene nezingwazi zabashwibi ezihlanganisa oDale Steyn, Rabada noDwayne Olivier. Ubhekane namabhola anzima angaphezulu kuka-200.