N GABE ngiphixiza webuya uma ngingaqali enhlambulukweni ngaphambi kokuthi ngibabele isihloko engikuso namuhla. Kwesinye seziqubu ngiloba ngomqeqeshi uPitso Mosimane ( osesithombeni) kulesi sikhala somusa woMhleli, ngamgandaya ngamshiya eyinyengethwa. Futhi, uma kungukuthi bamtshela ngalokhu engakubhala ngaye, usengavinjwa wumthetho ukuthi angangitheli othulini ngodalimede bamavelemane uma kwenzeka ihlangana esikhaleni kwaNtombela.
Ngabe ngingaqali nokho ukumgazinga umfo kaMosimane ngoba naphambilini kuyo le ngosi ngike ngakuveza ukungamnambithisisi kwami. Lapha kungesikhathi esibhibhidlela eqenjini lesizwe, iBafana Bafana.
Kokunye nje cishe abaningi basola ukuthi ukuphawula kwami ngalo mqeqeshi sekuhambisana nokunyevuza nje hleze okungenasisekelo. Nokho imibono yami kayiguqukile ngoba yabe ingahlose kuhuzula siqu sakhe lo mqeqeshi, noma labo abasondelene naye kodwa kwabe kungukuqangqalaza ngalokho engangikubona ngaleso sithuba.
Yingakho ngicabanga ukuthi okunye ukuphawula kwami namuhla kungase kwenze kube khona abathi leli lungu lesizwe saMaMbatha linya indoni namakhiwane bese ngilahlekelwa nayisithunzana ebinginaso. Kanti cha, kunjalo nje uma uhlala esiminyeni – kuthi nanxa izinto seziwuphikisa umbono wakho bese uyivuma ukuthi ingenile lapha emhlubulweni.
Indaba ilapha ekudidekeni kobuwengu bethu thina balandeli bebhola. Kulokhu kudwayiza kuhle kwezinhlwabusi linile, kunokulibala ukuthi umvimbi okuyiwona ohlola inala ulokhu uqhubekile laphaya eChloorkop. Ukuhhomuzela okuhambisana nomdlalo phakathi kweKaizer Chiefs ne-Orlando Pirates kungakushiya ufana nenhlwabusi impela ngoba kujike bese kukhohlakala ukuthi empeleni yiliphi iqembu elisezingeni elihle lebhola, hhayi ngokuzalela kwehlokohloko.
Asivumelane ngokuthi umdlalo weZimnyama neZimpofana obungempelasonto edlule bekuyicece nje lezimbangi ezindala. Lo mdlalo ubungahlanganise lutho nomncintiswano weligi. Kulokhu nje ngabaqeqeshi abebenakiwe ngoba sebephenduke imizondo ngemiphumela engahambisani nomsindo okwakhelwe kuwo la maqembu.
Leli dumela leChiefs nePirates liyisimo esiconsisa amathe kuMosimane futhi useyakwazi ukuthi asebenzise la mathuba ukuqhubeka nomsebenzi wakhe engenangcindezi njengoba abalandeli, ngisho abangawalandeli la maqembu, besuke benake lo bhuzamlandela. Uma ungase ubale ukuthi igama likaSteve Komphela, oqeqesha eNaturena, selivele kangaki emaphephandabeni, labalulwa kangaki emisakazweni nobuso bakhe bavela kangaki kuthelevishini, ungamangala. Kodwa uMosimane ungabala ngeminwe kule sizini. UMuhsin Ertugral yena ungafuna kuze kudumbe izithupha sengathi ushuka ngazo imboza ungamtholi emaphephandabeni, yize iqembu lakhe lilele isibili.
Ngilapha-ke ekutheni uMosimane nethimba lakhe sebebumbe inqanawe okumanje isigijime imidlalo ewu-17 ingakaze ilinuke nangephunga uswazi. Namagoli ayangena, ngale kokuthi udlalise muphi umdlali uMosimane. Kuye kungidide-ke ukuthi bese kuthi ngqoklo umsindo, kubatshazwa sengathi kubonakele uMfundisi nokhololo eyobhula esangomeni, noma la maqembu aseSoweto amakhulu ebonakala ukuthi awekho ndawo.
Okusobala wukuthi uma kungenzeka iChiefs iwine isicoco seligi kuyoba yisiga nje sethamsanqa elidilike njengemana esagcina ukuzwa ngalo ebhayibhelini lehlela isizwe sakwa-Israyeli ehlane. Uma iPirates ikwazile ukungena emaqenjini ayisishiyagalombili aphezulu ekupheleni kwesizini, kungabi yingcuphe, umqeqeshi wayo u-Eric Tinkler nosihlalo u-Irvin Khoza kuyomele benze isiphihli sedili ngoba njengamanje obekudla amantshontsho emsamo kweZikamagebhula akusenanhloni sekugida emini kwabha e-Orlando Stadium.
Ngincoma-ke uMosimane ngokuba wuchakijana kubo bonke lobu buwelewele babalandeli beChiefs nePirates, edeze echezuka eqokelela amaphuzu asambeke esicongweni namanje. Kanjalo no-Ertugral – ukujabulela kakhulu ukubukeka njengesi-aramu seNkosi esiziphembela ngozwathi esimweni esinhlinhlizayo kuMpumalanga Black Aces.
Ubukhalulu kuMosimane ubuzwa nalapha olimini ekhuluma sengathi ubindwa yizambane eliphuma emalahleni futhi engaphenduli imibuzo ebhekiswe kuye. Kokunye njalo aqhamuke nombono othusayo ozokwenza ukuba abacosheli bagqegqemuke nawo bayeke ukulandela umsebenzi owenzeka enkundleni. Uyothi unganakile komunye umzuzu uhlakanyana athi memfu eseklwele ebomvu amehlo azwakalise ukunengeka. Bese udideka ukuthi konje udinwe yini iqembu lakhe liwinile nje?
La maqhinga asusa amehlo kubadlali nakulokho abakwenzayo. usebaqedile ngawo uMosimane. Abanye abaqeqeshi bathi belele obenyoni yena ebe eshaye amangqeshane kuhle kombusi onezincelebana ezihlale zimqaphile.