INKANTOLO iyilahle ngecala indoda eyabulala ingoduso yayo ngoba yayiyikhuza ukuthi ingakhwelezeli indodakazi yayo engayizali eyayikade iyisola ngokuthi ijola nomshayeli wetekisi.
IJaji elibambile, uKevin Gounden weNkantolo eNkulu yaseThekwini, lilahle ngecala le ndoda eneminyaka engu-38. Isigwebo sizokhishwa ngesonto elizayo.
Phambilini le ndoda yavuma ukuthi yadlwengula indodakazi yayo engayizali eyayina-18 neyizalayo eyayina-14 KwaNyusa, eThekwini entathakusa ngoMeyi 11, 2022.
Unina wamadodakazi washaywa yile ndoda wafa, isidumbu sakhe saphonswa esiweni sisongwe ngengubo sambozwa ngamahlamvu.
Le ndoda yaboshwa ngo-Agasti 3, 2022 eLovu ibhace kwagogo wayo igqoke ingubo yabesifazane e-navy newigi izifihla ngoba yayikade yazi ukuthi ifunwa amaphoyisa.
“Umufi wawusumthathisa okomuntu osesithenjini nengane yakhe owawusuyithatha njengentombi yakho uyidlwengula. Usumbulele umufi watshela amadodakazi akhe ukuthi anakekelane, abambane ngoba wena ngeke usabakhona isikhathi eside,” kusho ijaji lahlulela.
Lithe lanelisekile ngobufakazi boMbuso, obethulelwe inkantolo ofakazi abebekade beluswa umshushisi u-Advocate Thabani Buthelezi.
Ijaji lithe ubufakazi bukhiphe isithombe esisodwa esiphelele sokuthi yile ndoda eyabulala futhi ikuhlelile.
Bebekhona abagilwa ngesikhathi ijaji likhipha isinqumo enkantolo.
Kube nesikhathi lapho bevukwa khona umunyu, omunye wabo waphumela ngaphandle, omunye wasala ekhala enkantolo ngesikhathi kufundwa izitatimende zabo zokuthi kubashiye benjani okwenziwa uyise kubona.
Nayo le ndoda ibimi ngezinyawo ebhokisini labasolwa ichiphiza izinyembezi igebise ikhanda unomphela.
Ezitatimendeni ezinikezwe inkantolo, zabo bobabili abagilwa, bathe ngeke bamxolele uyise futhi sebephenduke inhlekisa emphakathini behlelwa ukuzethemba baqalwa ukhwantalala. Omunye wabo usole unina ngokuyiletha empilweni yakhe le ndoda ayichaze ngomhlukumezi.
Enye yalezi zingane ithe le ndoda iyiphuce ubuntombi bayo, yaphelelwa ukuthemba umuntu, futhi ayisakwazi ukuya eMkhosini woMhlanga okuyinto ebikade iphila ngayo.
Ngakolunye uhlangothi, uNkk Zeera Fareed, ongummeli wale ndoda uyicelele ukuba ithanjiselwe isigwebo ngoba iyazisola, iyaxolisa ezinganeni zayo ngeyakwenza futhi isiphila ngemishanguzo ethithibalisa ukhwantalala eyiqale ngoSepthemba 2023, ejele laseWestville.
Ucele inkantolo ikubeke emqondweni uma seyigweba ukuthi le ndoda seyinonyaka nezinyanga eziyisishiyagalombili igqunywe ejele.
Ummeli uthe ngaphambi kokuthi iboshwe yayingunogada esibhedlela sikahulumeni eHowick kuyiyona kuphela ebheke ikhaya ngeholo likaR5 000.
Uqhube wathi inabantwana abayisithupha omdala una-17 futhi ayikaze yalahlwa icala phambilini.
Kodwa uButhelezi uthe ifanelwe isigwebo esingudilikajele ngokudlwengula nokubulala umuntu okwakumele ngabe iyamvikela.
“Sekuthenjwe izinkantolo ukuba zikhiphe izigwebo eziqinile ezizothumela umyalezo emphakathini nakwabanye abantu abasacabanga ukwenza izigameko ezinyantisa igazi njengalezi. Le ndoda ayiwavumanga amacala ngoba kusuka ngaphakathi kuyona kodwa yabona ukuthi uMbuso unobufakazi obuqanda ikhanda obuzoyigojela,” kusho uButhelezi.