INHLANGANO ebhekelele ukuphepha komphakathi, i-Institute for Security Studies, ithi ikhathazekile ngezigameko zokuqothwa kwabasolwa ezigamekweni ezahlukene okubukeka kudla lubi kulezi zinsuku, okushayelwa ihlombe ngabantu abaningi.
Esigamekweni sakamuva esenzeke ngesonto eledlule eDesai, eMariannhill amaphoyisa aqothe abasolwa abayisishiyagalolunye abaneminyaka ephakathi kuka-18 no- 23, kanti lokhu kushiye amalungu omphakathi enconcoza njengoba kuthiwa abewuhlalise lubhojozi.
UMnuz Gareth Newham oyiNhloko oPhikweni lweZobulungiswa kanye Nokunqandwa koDlame kule nhlangano ephendula imibuzo yeSolezwe, uthe nakuba amaphoyisa enelungelo lokudubula uma ebhekene nobungozi, kodwa izigameko zakamuva zokuqothwa kwabasolwa ngamaphoyisa, zishayisa amakhala.
“Lokhu kuveza ukuthi amaphoyisa awanabo ubuhlakani obudingekayo noma amaqhinga ahlelwe kahle okubopha abasolwa abasuke bendawonye.
“Uma bengabopha izigebengu, kungasiza ekubeni nolwazi ngazo nobunye ubugebengu ezibenzayo.
“Lokhu kungaqinisekisa ukuthi ubulungiswa buyenziwa kubagilwa, nokuthi okwawo ukuqinisekisa ukuthi umthetho uyalandelwa,” usho kanje.
Ephawula ngesigameko saseMariannhill, uthe ngokwezibhamu okuthiwa zatholwa endaweni yesigameko (amaphoyisa aqinisekisa ukuthi zine), kuyakhombisa ukuthi iningi labasolwa ababulewe belingahlomile.
Uveze ukuthi ukudubulana phakathi kwamaphoyisa nezigebengu, kuphinde kube yingozi kakhulu kubantu abasuke bezimele nje bengahlangene nokuqhubekayo.
“Uma amaphoyisa engazobonakala njengabantu abamele ukulandelwa komthetho kodwa ababulali, kuzokwenza umsebenzi wawo ubeyingozi kakhulu njengoba izigebengu zizowadubula uma ziwabona noma ziwahlasele,” usho kanje.
Unxuse iziphathimandla emaphoyiseni ukuthi zithathe izinyathelo ukuqonda ukuthi kungani amaphoyisa aqeqeshwe ngezinga eliphezulu kangaka engabophi uma ebhekene nezigebengu, kodwa kube nokudubulana okuholela ekufeni kwabantu abasuke bengahlomile.
Emngcwabeni wephoyisa elidutshulwe lisemsebenzini uSergeant Sibongiseni Khoza obusoThongathi ngoMgqibelo, uNgqongqoshe wamaPhoyisa kuleli uMnuz Bheki Cele ugcizelele ukuthi amaphoyisa awadubule uma ebhekene nezigebengu ezidubula zibhekise kuwo uma enza umsebenzi wawo.
Kwenzeka lokhu nje, amaphoyisa abesanda kucoboshisa abasolwa ngokuba yizinkabi, abathathu esigamekweni esenzeke eShowe ngeledlule.
Kanti ngoFebhuwari, amaphoyisa adubule abasolwa abayisithupha okuthiwa badubula kuqala, esigamekweni esenzeke eNanda.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uColonel Robert Netshiunda uthe bangu- 9 522 abasolwa asebeboshwe ngamaphoyisa esifundazweni, ngamacala ahlukene kule nyanga nje kuphela.
Uveze ukuthi zingu-258 izibhamu ezingekho emthethweni eziqoqiwe nezinhlamvu ezingu- 3000.