IYASHUBA eyeziteleka emanyuvesi aKwaZulu-Natal njengoba izolo kuphazamiseke ukubhalisa eDurban University of Technology (DUT) nase-University of South Africa (Unisa) abasebenzi betelekela ukunyuselwa amaholo. Abasebenzi base-Unisa abangaphansi kweNational Education Health and Allied Workers Union (Nehawu) bafuna ukunyuselwa umholo ngo-12% kulo nyaka, umqashi uthi angabanika u-6%, abaseDUT bafuna u-10% umqashi uthi angabanika * -4%.
Izinyunyana zabasebenzi baseDUT abangaphansi kweNehawu, iTertiary Education National Union SA (Tenusa) neNational Tertiary Education Union (NTEU) bangenele isiteleka ngoMsombuluko.
Ngalolu suku bavule ngemashi ebiqondiswe koyiPhini likaShansela wale nyuvesi, uSolwazi Thandwa Mthembu.
Izolo, abasebenzi abebethi babona sengathi umphathi uyabaziba babuyele ehhovisi lakhe befuna ukukhuluma naye.
UMnuz Milton Estrice okhulumela lezi zinyunyana uthe kusukela bahambisa uhlu lwezikhalo ngalolu suku kuMthembu akukaze kube khona mpendulo noma umhlangano ohleliwe phakathi kwezinyunyana nomqashi.
“Sibona sengathi iphini likaShansela lizishaya indiva izikhalo zethu kungakho namhlanje (izolo) sithe asibuye size ehhovisi lakhe ukuze asichazele ukuthi umi kuphi nodaba lwethu.
“Sidinga isixazululo esisheshayo ngalolu daba ngoba sibona sengathi akazimisele ukululungisa,” kusho yena.
Abasebenzi bazithele phezu konogada abebevimbile ehhovisi lomphathi, abasebenza kuleli hhovisi abathe akekho.
ABASEBENZI baseDurban University of Technology (DUT) abatelekele ukwenyuselwa umholo izolo bemasha belibangise kumphathi wale nyuvesi, uSolwazi Thandwa Mthembu Isithombe: DOCTOR NGCOBO
Bathi uthe uzothumela umyalezo nge-email mayelana nomhlangano wokucacisa
ngo-4% no-6% umqashi azimisele ukunyusela ngayo abasebenzi.
“Thina asiwazi u-6% ngoba sazi ukuthi abasebenzi abaqashwanga ngaphansi kohlelo olwaziwa nge-cost to company, yingakho sitshele abezindaba ukuthi umqashi ufuna ukubenyusela umholo ngo-4%. Sisamile ekutheni ngeke sibuyele emsebenzini lungalungisiwe lolu daba,” kusho yena.
Lesi sikhungo siqashe abasebenzi besikhashana abebesebenzela kwenye ingxenye yenyuvesi abebebhalisa abafundi.
UNksz Noxolo Memela oyimenenja yezokuxhumana kule nyuvesi, uthe inyuvesi izimisele ukulungisa lesi simo ngokushesha.
Uthe abaphathi bazimisele ukuhlangana nezinyunyana kuleli sonto ukuze kuxazululwe udaba lwamaholo, olwaqala ukudingidwa ngoMeyi nyakenye.
“Izitshudeni nabanye abantu abangena enyuvesi baphephile,” kusho yena.
Khonamanjalo e-Unisa, abasebenzi abangaphansi kweNehawu bamise ukubhalisa befuna ukunyuselwa amaholo ngo-12%.
Okhulumela iNehawu, uMnuz Khaya Xaba, uthe umqashi ufuna ukunyusa amaholo ngo-6% wathi bakhathele ukuthathwa kancane ngabakule nyuvesi.
“Sifuna kuqashwe ngokugcwele abasebenzi abayitoho kuyekwe ukuxhashazwa kwabo emnyangweni wezobuchwepheshe.
“Siyazi inyuvesi ingakwazi ukunyusela abasebenzi umholo ngoba babalelwa ku-400 000 abafundi ababhaliswayo minyaka yonke kanti kunoR400 billion osezinqolobaneni. Sizoteleka baze bahlangabezane nezimfuno zethu.”
Imizamo yokuthola okhulumela le nyuvesi uMnuz Matrin Ramotshela ayiphumelelanga, ucingo lwakhe belukhala lungabanjwa nemibuzo athunyelwe yona akayiphendulanga.